isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Imali yenze waqoka iDowns uManqele

Comment on this story


no nqelels

Anesh Debiky/Gallo Images

UKHETHE ukusayina kuMamelodi Sundowns |u-Edward Manqele ogqame egiima kuFree State Stars ngesizini edlule. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA

UHEHWE ngetshe lemali waqoma iMamelodi Sundowns u-Edward “hlokoloza” Manqele osayine inkontileka yeminyaka emithathu naleli qembu eselidonse isigwebo seminyaka emine ngaphandle kwezicoco.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo ntambama.

“Angazi ukuthi ngingayichaza kanjani indlela engizizwa ngayo, empeleni ngijabule kakhulu ngokujoyina iSundowns. Okungenze ngakhetha yona wukuthi babeke into engcono kuneKaizer Chiefs etafuleni. Ngisayine inkontileka yeminyaka emithathu,” kusho uManqele ngamafuphi.

Imibiko engaqinisekisiwe iveze ukuthi iChiefs ibimthembisa u-R70 000 lo mdlali ngenyanga, iSundowns yathi izomnika isamba esiphindwe kabili kulesi. Lo mgadli ugile izimanga ngesizini yakhe yokuqala ku-Absa Premiership ehlohla amagoli angu-11 kuFree State Stars.

Lokhu kumenze waqokwa kuBafana Bafana ngesikhathi isidlala umdlalo wobungani neSenegal eMoses Mabhida Stadium, ngoFebhuwari. KuBafana Bes’tayela uzobanga ijezi noKatlego Mphela, Nyasha Mushekwi noRichard Henyakane.

UManqele usejoyine uThamsanqa “General” Sangweni kubadlali asebesayiniswe yiSundowns ukulungiselela isizini entsha. Ukusayinisa abadlali abasezingeni eliphezulu kwamaqembu amakhulu akungatshazwa ukuthi kuzobajabulisa abalandeli bebhola ikakhulazi abeChiefs neSundowns abazohlangana koweMTN 8 ngo-Agasti.

Ngakolunye uhlangothi ujike umqondo sekufanele asayine umgadli we-Orlando Pirates uBongani Ndulula obese kuvunyelwene ngokuthi uzogijima kuLamontville Golden Arrows ngesizini ezayo.

Imenenja yalo mdlali uTim Sukazi utshele leli phephandaba emasontweni adlule ukuthi uNdulula uvumelene ngenkontileka yeminyaka emithathu ne-Arrows kodwa gwiqiqi, umdlali akasayingeni eyokuzodlalela leli qembu laseThekwini.

Ebuzwa ngalokhu uSukazi uveze ukuthi umdlali ushintshe umqondo.

“Amaqembu naye umdlali kwavunyelwena ngokuthi uzosayina iminyaka emithathu kodwa kuthe sekufanele umdlali asayine washintsha. Ngeke asolwe ngalokho ngoba kuyilungelo lakhe. Yebo, okwamanje usengumdlali we-Orlando Pirates,” kusho uSukazi izolo.

Ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uNdulula uya ku-Arrows bekunemibiko yokuthi usohlwini lwabadlali abazodedelwa yiPirates.

USukazi uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngakubize “ngokumpintshela umdlali ekhoneni” okwenziwa yiSundowns okuthiwa iqhinqe eLimpopo ekhaya lomdlali weBloemfontein Celtic u-Eric Mathoho njengoba esemaholidini.

“Angiyithandi indlela abaqhuba ngayo, engikwaziyo wukuthi iCeltic neChiefs basakhuluma. Ngizozama ukuthi umdlali asayine lapho ethanda khona,” kusho uSukazi.

Kuvela ukuthi izikhulu zeSundowns ziyomnunusela ngayo imali uMathoho nomndeni wakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.