Advertisement
logoSections

IMaritzburg City ivule ngothembisayo

MALIBONGWE MDLETSHE

UKHALE ngelanga ebelishisa likhipha umkhovu etsheni umqeqeshi weMaritzburg City u-Andile “Sguda” Cele ezakhe ezivule ngomphumela othembisayo emidlalweni yokuhlungela ukuya kuNational First Division (NFD) ezophela ngeSonto eLimpopo.

ICity, engompetha beSafa KwaZulu-Natal Vodacom Promotional League, ivule ngomdlalo onzima lapho ibambane khona ngo 1-1 neBaroka, edlalela ekhaya, eSeshego Stadium.

UCele uthe bebezowathatha wonke amaphuzu ngoba bawuqale kahle umdlalo kodwa behla ngesiwombe sesibili ngenxa yokushisa kwelanga.

“Sidlale kahle kakhulu saze sashaya igoli ngesiwombe sokuqala ikakhulukazi ngoba besivula ngeqembu elidlalela ekhaya. Sehlile ngesiwombe sesibili nakhona ngibona sengathi abadlali bethu bahlulwe wukumelana nokushisa ngoba ilanga ubungathi lisondele emhlabeni indlela obekushisa ngayo la,” kusho uCele owadlala kuyo iCity idla ubhedu kule midlalo ngo-1999.

Namuhla iCity, eboshelwe kuGroup A, izobhekana neVardos yaseGoli eSeshego Stadium ngo-3 ntambama.

“Ngijabule ukuthi sithole okungenani iphuzu ngoba sizokwakhela phezu kwalo kusukela kusasa (namuhla),” kusho uCele.

IBaroka neVardos, ecijwa nguJonh Tlale, azakhele udumo kuNedbank Cup kanti iBaroka ihlulekile kule midlalo nyakenye eKapa.

IRoses United, ecijwa nguJonh Tlale, iyona egcine imele iFree State emva kokunqoba ngo 3-1 kuBelson edlale nayo ngeSonto umdlalo obuyisisombululo secala ebeliyivimba ukuba ize kule midlalo.

Imidlalo yanamuhla eseSeshego Stadium:

Batau v Milano United (9am), Tornado v Soshanguve Sunshine (11am), Roses United v Morester Jeug (1pm). iBaroka ayidlali.

SHOW ALL
Advertisement