IMaritzburg City kweyokuhlungela

Comment on this story
no sgudans c

MALIBONGWE MDLETSHE

UBALULA izinto ezimmisa ithemba umqeqeshi weMaritzburg City u-Andile “Sguda” Cele (osesithombeni) obona emaningi amathuba okuthi iqembu lakhe libe ngelinye lamabili azokhushulelwa kuNational First Division (NFD) ngesizini ezayo.

Ngemuva kokudla umhlanganiso kuSafa KwaZulu-Natal Vodacom Promotional League ngesizini edlule, iCity izomela lesi sifundazwe emidlalweni yokuhlunga amaqembu amabili eVodacom azogijima kuNFD ngesizini ezayo.

Le midlalo izokuba sePeter Mokaba Staduim, eSeshego, eLimpopo kusuka ngoMsombuluko kuya ngeSonto.

UCele, owaduma esalihlikihla esiswini ku-Orlando Pirates nakuMaGlug Glug, uthe ugabe ngokuthi eqenjini lakhe kunabanye abadlali abalazi ukusuka nokuhlala ibhola elisezingeni eliphezulu.

Uthe wethemba ukuthi ukuba khona kukaSanele Memela osewake wagijima kuMaZulu, Moroka Swallows neBloemfontein Celtic, noSphelele Ngobese osewake wagijima kuNathi Lions, kuzoba nomthelela omuhle ekusizeni abadlalai abasebancane babeke phansi imimoya badlale ibhola labo.

“Wonke umuntu uzobe elambele ukuziveza nokuphumelela, imidlalo izobe inzima. Ukuba khona kwabadlali asebeke bagijima ezigabeni ezinkulu kuzobasiza abadlali abasebancane bangethuki ngoba iningi labo bazobe beqala ukudlala ezingeni eliseqophelweni eliphezulu njangaleli,” kusho uCele, owayegijima kuleli qembu ngo-1999 lidla ubhedu kule midlalo yokuhlunga.

“Into emnandi wukuthi nabo laba badlali abadala esikhuluma ngabo baqala khona la ngaphambi kokuthi baye emaqenjini amakhulu, ngakho bayayazi inqubo yaleli qembu. Okunye wukuthi abasalambele ukuzigqamisa nokuzobenza babe yizinsika ngisho seziphazamiseka izintwana,” kusho uCele.

Lo mqeqeshi uthe uyabethemba abadlali bakhe.

“Kusukela ngifikile ivangeli engilishumayelayo lithi umuntu angadlaleli ukuzibonakalisa yena ngoba ngisho angagqama namuhla kodwa umhlaba wonke uzomkhohlwa kusasa uma ehlulekile ukuphumelelisa iqembu,” kuphetha uCele.

Amaqoqo ami kanje:

Iqoqo A;

Roses FC\ Maluti FET College

Vardos FC

Baroka FC

Maritzburg City FC

Morester Jeug FC

Iqoqo B;

Batau FC

Milano United FC

Tornado FC

Soshanguve Sunshine FC


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.