B ANDIZELA phezulu kwaMazda Motor Corporation ngemuva kwesimemezelo abasenzile sokuthi ukwakhiwa kweMazda3 sekufinyelele ku-5 million ngo-Ephreli 2016.
Lena yiMazda yesibili ukufinyelela ku-5 million emuva kwezimanga ezagilwa yiMazda 323. IMazda3 yenze irekhodi elisha ngokufinyelela kulezi zibalo esikhathini esiyiminyaka engu-12 nezinyanga ezingu 10 kusukela ngoJuni 2003.
IMazda3 iyona moto abazishaya isifuba ngayo futhi nezibalo zokuthengwa kwayo zakha isibalo esikhulu sezimoto abazidayisayo ngonyaka.
Le ntandokazi yemoto yakhiwa ezimbonini ezihlukene zale nkampani emazweni amaningi okukhona imboni iHofu eJapan, Changan Mazda Automobile Co, Ltd, eChina, AutoAlliance (Thailand) neMazda de Mexico Vehicle Operation, eMexico.
Iphinde yakhiwe embonini eseMalaysia naseVietnam. Kusukela kwaba khona iMazda yesizukulwane sokuqala, kwaMazda basebenze ngokuzikhandla ukwenza isiqiniseko sokuthi iMazda3 iba yimpumelelo, kusuka esakhiweni sayo, ukuyihlela kahle ngendlela kanjalo nomuzwa omnandi wokuyishayela.
IMazda yesizukulwane sesithathu bayithuthukisa ngo-2013 ngesikhathi sebeqala ubuchwepheshe be-SKYACTIV TECHNOLOGY neKODO-Soul of Motion ukuze ilandele esizukulwaneni esisha seMazda.
Isihlonishwa kakhulu ezingeni lomhlaba kusuka kwi-Canadian Car of the Year's, Best New Small Car in 2013 ne-Red Dot Design Award in 2014. Iphinde yalala endaweni yesithathu kwi-Finalist for World Car of the Year ne World Design Car of the Year ngo-2014.
KwaMazda Southern Africa sebedayise ama-Mazda 3 angaphezulu kuka-4200 kusuka kwaqala umsebenzi ngo-Okthoba 2014 kuze kube u-Ephreli 2016.
Phakathi kwezinjini ezitholakala eNingizimu Afrika kukhona iSKYACTIV-G 2.0-litre kaphethroli edonsa ngamagiya angu-6 eshintshwayo nezishintshayo, i-1.6 kaphethroli edonsa ngamagiya amahlanu.
KwaMazda bathi abamile kodwa bahlabela phambili nokwakha izimoto ezinezidingo zamakhasimende abo.