Advertisement
logoSections

Imbokodo ayizwa mshini ngoZuma: ucwaningo

YIZE libukeka lehla izinga lokwesekwa kukaMengameli Jacob Zuma, kuvela ukuthi abesimame yibo abasameseka kakhulu kuleli.

Inhlangano eyenze ucwaningo ngokwamukeleka kukaZuma kuleli i-TNA South Africa ithole ukuthi yize bengashiyani kakhulu, baningi abesimame abathanda uZuma uma beqhathaniswa nabesilisa.

AKUWONA amakhosikazi akhe kuphela amesekayo uMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma ngoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi abesifazane bakuleli nabo bameseka kakhulu. Credit: INLSA

Ngokwalolu cwaningo bangamaphesenti angu-49 abesimame abasamkhonzile uZuma babe ngamaphesenti angu-43 kuphela abesilisa.

Izinga lokwamukeleka kukaZuma lehle lisuka emaphesentini angu-55 ngoFebhuwari laya kwangu-46 ngo-Ephreli.

Omunye wabacwaningi, uMnuz Neil Higgs uthe lokhu kwehla kwenzeke ngesikhathi indaba ye-e-tolling ingundabamlonyeni ngaphambi kwesinqumo senkantolo ngalolu daba.

“Okunye kube ngukukhathazeka kwabantu ngodaba lokubuyiselwa kuka-Lt-Gen Richard Mdluli kanti nezindaba zokumiswa kukaMnuz Julius Malema zazisaphothulwa,” kusho uHiggs esitatimendeni.

Emuva kwesikhathi esasibucayi ngo-2010, izibalo ezazithathelwe ocwani-ngweni olwenziwa kubantu abangu-2000 abahlala emadolobheni zaveza ukuthi isimo sasingesibi kangako. Babengamaphesenti angu-48 abantu ababesathokozela ukuphatha kukaZuma.

Emuva kokunyuka zifike emaphesentini angu-55 lezi zibalo, zehle mawala phakathi kuka-Ephreli zafika emaphesentini angu-46.

Lezi zibalo ziveze nokuthi izinga lalabo abathi abazi ukuthi bami kuphi uma bebuzwa ngalokhu lehlile uma kuqhathaniswa no-2009.

“Abantu sebenolwazi olungcono manje ngoMengameli emuva kwesikhathi eside bezibuza ukuthi ungumuntu onjani. Labo abangazazi ukuthi bami kuphi yilabo asebengene kuleli qulu elingamenameli,” kuqhuba uHiggs.

Intatheli yeSolezwe

SHOW ALL
Advertisement