isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

IMeya izobheka izikhalo zamaphoyisa


NO metro2

INLSA

Amaphoyisa kaMasipala ethule izikhalo zawo kwiMeya uMnuz James Nxumalo izolo ekhala phakathi kokunye nangabaphathi bawo. Isithombe: Patrick Mtolo

LUNGI LANGA

UMA kuphuma isinqumo angahambisani naso namuhla amaphoyisa kaMasipala weTheku asabisa ngokuthi azonxenxa nezinye izinhlangano ukuba zingenele isiteleka sawo sokufuna kushintshwe abaphathi kuqashwe nabantu ngokugcwele.

Emashini yayizolo amaphoyisa kamasipala angaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) athi ngeke aphele amandla uma izimfuno zawo zingaphumeleli.

Ngonyaka odlule acela ukuthi kumiswe abaphathi bawo okungo Mnuz Rajen Chin ongumphathi wophiko olukhethekile emaphoyiseni, uMnu Monty Naidoo, owengamele ukuqashwa emaphoyiseni noMnuz Eugene Nzama ophethe amaphoyisa ngoba bebasola ngokungaphathi ngendlela kulezi zikhundla abakuzo.

Amaphoyisa athi afuna uMasipala uthathe izinyathelo ezinqala ngoChin noNzama ngokuvumela ukuthi izimoto zikahulumeni zisetshenziswe ngendlela engekho emthethweni.

Ngaphezu kwalokhu agxeka abaphathi ngokuvumela amanye amaphoyisa ukuba asebenzise izimoto zikamasipala ukufeza izidingo zasemakhaya.

Ngesikhathi efunda uhlu lwezikhalazo uMnzu Nhlanhla Nyandeni weSAMWU, uthe ngaphandle kwalokhu bafuna kubhekwe udaba lwamaphoyisa asesebenze iminyaka engaphezu kwemihlanu eyitoho. Ohlwini lwezikhalo basole uNzama ngokuthi akabonakali enolwazi lokuphatha amaphoyisa kaMasipala.

Yamukela izikhalo zabo iMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, izwakalise ukuzwelana nabo yathi izobiza umhlangano ophuthumayo nekomiti eliphethe uMasipala.

“Sizohlangana nobuholi bukaMasipala ukuze sidingide lezi zikhalo bese sisheshe sinazisa ukuthi yiziphi izinqumo esizithathile,” kusho uNxumalo.

Namuhla amaphoyisa azozwa ukuthi uMasipala uthathe siphi isinqumo ngezikhalo zawo.

Ngesikhathi emasha athole ukwesekwa okukhulu yizinhlangano okubalwa kuzo iCongress of South African Trade Unions ne-ANC Youth League.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
inlandKnight
I'm a 31 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 38.
View Profile
Rness
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 34.
View Profile
kealoha
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 45.
View Profile
IOL - dating
saturnz
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 100.
View Profile
IOL - dating
Animally
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 45.
View Profile
IOL - dating
misi_859
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 26 and 33.
View Profile