Imibuzo kubuya obekuthiwa uminzile

Comment on this story
no lost child1 INLSA UMNUZ Bernard Mathebula, uyise kaLindani Dlamini (12), otheleke ekhaya ehamba nomlisa othe unikezwe uLindani wosonhlalakahle basesibhedlela iMahatma Ghandi. ULindani bese kuthiwa ungene emanzini ngemuva kokuhamba nabangane bakhe beyobhukuda. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

NOKUBONGWA PHENYANE

USELE nemibuzo umndeni womfana obese kuphele izinsuku eziyisishagalolunye aduka ekhaya obekusolwa ukuthi uminze emfuleni uGobhogobho, eNtuzuma.

Umndeni ushaqeke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ubona lo mfana onguLindani Dlamini (12) efika nowesilisa ongumhlengikazi kulesi sibhedlela. UMnuz Wandile Chamane, othe udluliselwe kuye ngosohlalakahle basesibhedlela iMahatma Ghandhi ngoba bazi ukuthi uhlala eNtuzuma okungenzeka akwazi ukuthola umndeni wakhe.

UMnuz Bernard Mathebula uyise walo mfana obedukile uthi uhluleke nawukuzibamba wakhala ebona indodana yakhe abecabanga ukuthi ishonile ifika ekhaya ngoLwesithathu ntambama.

Umndeni walo mfana bese uhambele izangoma nabantu ababonayo ngoba ukholwa ukuthi lo mfana ngeke esatholakala.

“Siyajabula impela ingane ibuyile kodwa ngendlela efike ngayo isishiya sinemibuzo ukuthi ibikuphi ngoba nayo ayichazi kahle futhi ilimele, nasebusuku asilalanga ithuka ithi kukhona izinto eziyihamba esiswini,” kusho uMathebula.

NO GOBHOGOBHO2 ULINDANI Dlamini ominze emfuleni uGobhogobho ngaseNtuzuma. ISOLEZWE

Echaza uMathebula uthe bebephuma emfuleni beyokudla ngesikhathi kuqhamuka indodana yakhe ihamba nalo wesilisa ozibize ngoChamane othe ulethe ingane.

“Uthe uLindani umnikwe osonhlalakahle bathi ngoba owaseNtuzuma basacela abafunele umndeni wakhe awudlulisele kuwo. Ufike nenye ingane ethe imbone edilika nalo mlisa etekisini wamtshela ukuthi uyafuneka kubo njengoba eseze waphuma nasemaphepheni,” kuchaza uMathebula.

UMnuz Chamane utshele Isolezwe ukuthi ungunesi kulesi sibhedlela. Uthe uLindani wafika nabezimo eziphuthumayo kwathiwa utholwe equlekile emgwaqweni wahanjiswa esibhedlela.

“Iyona ingane ezisholo ukuthi kukuphi kubo njengoba osonhlalakahle bebesazophuma beyofuna umndeni wayo. Mina bangicele ukuthi ngidlule ngiyishiye kubo njengoba ibisishilo ukuthi kukuphi ngayithatha nami ngoba kuseduzane nala ngihlala khona,” kuchaza uChamane.

Uyise wengane uthe basazama ukuthi indodana ibuyele esimeni esejwayelekile njengoba igula nje.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.