Gallo Images
Obeyisikhulu esiphezulu sePSL uStan Matthews ushiye lesi sikhundla esahlale izinyanga ezinhlanu kuphela nokushiya imibuzo. Isithombe: Gallo Images
MTHOKOZISI MNCUSENI
SISHIYA imibuzo isimo okusetshenzwa ngaphansi kwaso emahhovisi enhlangano eyengamele ibhola kuleli iPremier Soccer League (PSL) kwazise esishintshe abaphethe isikhundla sesikhulu esiphezulu (CEO) kathathu ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule.
Kuthe izolo usihlalo we-PSL u-Irvin Khoza, wamemezela ukusula kulo msebenzi kukaStan Matthews ohlale izinyanga ezinhlanu ekubeni ebenenkontileka yeminyaka emithathu.
UMatthews usula isigubhukane nje, ubengeneme kulesi sikhundla ngemuva kokusula kukaZola Majavu nakho okwashiya abathandi bebhola kuleli beshaqekile.
Kuze kube yimanje akukaze kucace okuyikona okwasulisa uMajavu ngendlela okwenzeka ngayo kwazise wayebukeka ewuthokozela umsebenzi wakhe futhi ewenza ngokukhulu ukuzikhandla.
UMajavu wayengene esikhundleni sikaKjetil Siem waseNorway. Nakuba yena (uSiem) ahlala isikhathi eside kulo msebenzi kodwa naye kuningi angazange akucacise ngesikhathi esehamba kodwa wagqamisa ukuthi ubuyela ekhaya.
UKhoza uvumile ukuthi kungashiya abaningi bezibuza ukuthi kusetshenzwa kanjani kuPSL kodwa waqinisekisa ukuthi ayikho inkinga ekhona mayelana nokusebenza.
“Akukho esingazikhathaza ngakho ngoba bonke laba abasulayo basuke bezisholo bona ngakho-ke ngeke simbambe umuntu echaza ukuthi akasazimisele ngokuqhubeka nomsebenzi. Kufanele abantu bakuqonde ukuthi iligi yethu ibalwa naphambili emhlabeni ngakho-ke kunzima ukuyihola,” kusho uKhoza.
Lesi sikhulu siveze ukuthi uMatthews uzicelele ngo-Ephreli ukuthi ucela ukuhoxa emsebenzini ngoba usethole amadlelo aluhlaza kwaMulti Choice. NgoMajavu uKhoza uthe, kwavunyelwene phakathi kwabo naye ukuthi kuhlukanwe ngoba ekhala ngesimo sokusebenza kule nhlangano ngakho-ke akukho ababengakwenza ukumnqanda.
UCambridge Mokonyane oyiChief Operations Officer (COO) kule nhlangano nguyena othulwe wuKhoza njengebamba le-CEO kuze kumenyezelwe ozothatha lesi sikhundla ngokugcwele.
UMatthews uthe: “Ngiyabonga kuKhoza ngokunginika ithuba kule nhlangano. Ngiyabonga futhi nangendlela abalusingathe ngayo udaba lwami lokusula. Nakuba kube yisikhathi esincane kodwa ngikuthokozele kakhulu ukuba yingxenye yePSL. Angisakwazi ukulinda ukubuyela ‘ekhaya’ kuSuperSport,” usonge kanje.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services