SIZWE BLOSE

UMCULI we-jazz ozakhele udumo ngokukhulumisa isigingci uthi uzobe eshiyelana inkundla noGandaganda baseNingizimu Afrika, iSoul Brothers.

UJimmy Dludlu uveze ukuthi into emchaza kakhulu ukuthi uzobe edlala okokuqala eThekwini.

“Baningi abalandeli bami abahlezi bengibuza ukuthi ngiza nini kuleli dolobha, yingakho zingijabulise kakhulu izindaba zokuthi ngizocula khona. Njengamanje ngiseMalahleni, eMpumalanga ngijikeleza nayo iSoul Brothers. Sizothi uma siqeda lezi zindawo esizihambelayo sigcine e-ICC Arena, eThekwini,” kuchaza uJimmy Dludlu.

Ubezwakala ngisho ekhuluma ukuthi ziyamthokozisa lezi zindaba.

Uthe uzoqhulula zonke izingoma zakhe kusukela kwi-Essence Of Rhythm.

UJimmy uphinde wazakhele udumo ngokuhlezi edla umhlanganiso kumaSouth African Music Awards kanti useke wasebenzisana nabaculi abaningi okungabalwa kubona uChicco Twala, Brenda Fassie, Sipho Mabuse, Miriam Makeba, Victor Ntoni, Busi Mhlongo, Robbie Janson, Winston Mankunku nabanye.

UBhodloza Nzimande ongumgqugquzeli walolu hambo lamaSoul Brothers ukuqinisekisile ukuthi uJimmy Dludlu useyingxenye yomjikelezo waleli qembu.

“Sibone kufanele ukuthi sithole umculi ozophelezela amaSoul Brothers, sithe uma sibheka sabona ukuthi akekho omunye ngaphandle kukaJimmy osezakhele igama kubathandi bomculo. Okuhle ngoJimmy ukuthi uyahlonishwa kanti nawo amaSoul Brothers ayahlonishwa ngomculo wawo,” kuchaza uBhodloza othe abafuni abantu abangena namhlanje estudiyo baqede ngakusasa.

Uthe bebefuna umculi ozinika isikhathi uma ehlanganisa ingoma, hhayi owenza ubuwaqawaqa.

Uthe bazokuba seThekwini ngoSepthemba 22 abantu bangaqala babe bebeka imali kusenesikhathi.