Impikiswano ngabazomela ukhetho ku-IFP

Comment on this story
Copy of NO_GWALALALA0 Ex-QDMS UMnuz Blessed Gwala

CELANI SIKHAKHANE

BASHAYANA ngamakhanda abaholi be-IFP ngesenzo samaziko ale nhlangano sokuphikisa uhla lwamagama olufunwa wumhlahlandlela waleli qembu azokhethwa engqungqutheleni yobuholi ngenyanga ezayo nesihlehle amahlandla angaphezulu kwamathathu.

Amaziko amaningi okuthiwa anenkinga futhi asengcupheni yokuqaliswa phansi ekutheni akhethe, kubalwa awaseZululand, uThukela, uMkhanyakude naseGauteng.

Phakathi kwamagama afunwa wumhlahlandlela kubalwa elikaDkt Mangosuthu Buthelezi kwesobumengameli, iNkosi uMzamo Buthelezi ongumfowabo ongowozalo lukaMntwana abamfuna abeyiphini lakhe, uMnuz Blessed Gwala kwesikasihlalo, uMnuz Albert Mncwango kwesokuba yiphini likasihlalo, uNkk Sbongile Nkomo ozoba ngunobhala-Jikelele noMnuz Nhlanhla Msimang abamfuna kwesephini likanobhala-jikelele.

La magama kuthiwa asemqulwini obizwa nge-Road Map okuyiwona okubhekwe ukuthi abantu badingidele phezu kwawo amagama abaholi abazokhethwa kule ngqungquthela.

Ngakolunye uhlangothi amaziko wona asevele aziphakamisela uhla lwawo okuyinto okuthiwa icasule abaholi be-IFP.

Copy of NO_NO MNCWANGO0 UMnuz Albert Mncwango Ex-QDMS

Phakathi kwala magama kukhona elikaButhelezi abafuna abuyele bese esekelwa umfowabo iNkosi uMzamo Buthelezi kanti kwezinye izikhundla uhla lwakhona luthi uMnuz Stanely Dladla ufunwa kwesikasihlalo, uNkk Sbongile Nkomo kwesephi-ni likasihlalo, uMnuz Albert Mncwango kwesikanobhala-jikelele bese kuthi uMnuz Mtomuhle Khawula afakwe kwesephini likanobhala-jikelele.

“Inkinga ekhona ukuthi la magama omhlahlandlela abantu abayingeni indaba yawo njengoba ubona ukuthi uMsimang noGwala kabafakiwe ngoba abantu abasayizwa kahle indaba yabo,” kusho omunye wabaholi okhathazekile.

Emhlanganweni wamaziko angaphansi kweLembe okwakujutshwe kuwo uNkk Melody Mdunge kuthiwa uvele wathi uma abantu befuna amanye amagama kungcono bahambe bamshiye amane asale yedwa.

Kumanje kuthiwa eZululand uButhelezi uhlele ukuthi aziyele mathupha emhlanganweni wakhona ozoba kusasa ukuze aqinisekise ukuthi abantu abakwenzi okuphambene.

Kwezinye izindawo abantu kuthiwa basabisa ngokuyiduba imihlangano ngoba bephoqwa ukuthi bakhethe la magama abanikezwe wona wumhlahlandlela.

Okhulumela i-IFP uMnuz Joshua Mazibuko uthe angeke aphawule ngokunye okuyizinto zasehlathini.

Copy of NO_no khawula0 UMnuz Mntomuhle Khawula Ex-QDMS

“Empeleni amaziko eqembu yiwona amukele i-Road Map okuyiyo enamagama okumele kubhungwe ngawo bese kubuyiswa umbiko ngempelasonto lena esiya kuyo kumhlahlandlela ozohlala kusuka ngoMgqibelo kuze kube iSonto.

“Okunye angikwazi ngoba phela umbiko awukabuyi, sisawulindile ukuzwa ukuthi amaziko athini,” kubeka uMazibuko.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.