MHLENGI SHANGASE
BABHEKENE nengwadla abafundi abevile ku-20 000 abafunda emakolishi ama-Further Education and Training (FET) osekuphele izinyanga ezingaphezulu kweziyisithupha belinde izitifiketi zabo.
Laba bafundi balinde umnyama ongenafu abakwazi nokuthola umsebenzi ngoba abaqashi basuke befuna izitifiketi abangenazo njengoba zingaphumile.
Emakolishi amaningi sekuhlale kunesikhalo kubafundi sokuthi abayitholi imiphumela yabo ngesikhathi kuze kubheduke iziteleka abafundi bathi sebekhathele wukulinda umnyama ongenafu.
Laba bafundi basuke bekhala ngokuthi abaziswa ukuthi kubambephi njengoba lezi zitifiketi zabo bengazitholi.
UMnyango weMfundo ePhakeme yiwona osuwengamele la makolishi njengoba asuswa ngaphansi kweMinyango yezeMfundo ezifundazweni kanti uNgqongqoshe wawo, uDkt Blade Nzimande uhlale ethi baqinisa kakhulu kula makolishi ngoba bafuna afane namanyuvesi.
Okhulumela i-DA kwezemfundo ephakeme, u-Annelie Lotriet, uthe kuyadumaza ukuthi abafundi abangu-22 190 basalinde umnyama ongenafu njengoba bengazitholi izitifiketi zabo sekudlule izinyanga.
Uthe bathole izikhalo eziningi kubafundi zokuthi abazitholi izitifiketi zabo wathi bakhala ngokuyiswa le nale uma befuna izincazelo.
“Inkinga laba bafundi ababhekene nayo wukuthi abakwazi ukuthola umsebenzi ngoba bengenazo izitifiketi ngoba ziyadingeka ikakhulu uma umuntu esebenza ngogesi noma elungisa amanzi. Kwezinye izehlakalo abafundi bayaqashwa bengenazo kodwa uthole ukuthi bazokhonjwa indlela uma kudlula isikhathi eside engasilethi leso sitifiketi ngoba uMnyango ungakasidedeli,” usho kanje.
Uthe uMnyango uthi uyazikhipha izincwadi zokuqinisekisa ukuthi abafundi benze kahle kodwa kukhona abafake izikhalo abangakaze bazithole kwalezo zincwadi.
Uqhube wathi uNzimande uthembise ukuthi uzoyilungisa le nkinga ungakapheli uJulayi 31 nonyaka.
USizophila Mkhize weCosas, uthe kunenkinga efanayo kuwo wonke ama-FET.
Abafundi baze bateleke ngenxa yokuthi imiphumela yabo ayifiki, kokunye ifike sekudlule isikhathi.
Uthe uMnyango weMfundo ePhakeme awuwanakile la makolishi, yingakho uthola ukuthi kuze kutelekwe ngoba abafundi abazitholi izidingo zabo ngesikhathi.
“Noxhaso lwezimali zokufunda luqale kulo nyaka yingakho sithi lo Mnyango ubudedengu uma wenza izinto. Siye siteleke singabafundi singazi ukuthi inkinga iseMnyangweni kodwa sizitshele ukuthi ikolishi elisuke ligodle imiphumela yethu kanti wuMnyango,” usho kanje.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services