isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Impumelelo kaMnikathi izoletha iNzuzo entsheni


no Nzuzo South Pole

Group

UGCINE efikile eSouth Pole uNzuzo Mnikathi (okwesokudla). lapha uthathwe nomsunguli |we-Unlimited Child, uMnuz Iain Buchan

UWUQOPHE kunzima umlando uNzuzo Mnikathi (19) obe ngumuntu wokuqala omnyama osemncane ukufinyelela endaweni ebanda kunazo zonke emhlabeni, iSouth Pole.

Leli bhungu laseMgungundlovu kulithathe izinsuku ezingu-12 ukufinyelela kule ndawo emva kokuziqeqesha kanzima.

Kuke kwangathi uNzuzo uzobuya engafikanga kwiSouth Pole ngenxa yamakhaza abese emgongobalise iminwe nezinzwane sekuwuqhotho.

Isitatimende esithunyelwe yinhlangano eqoqela izingane ezingenabani izinsizakufunda, i-Unlimited Child, ezohlomula ngokwenziwe nguNzuzo, sithe leli bhungu lifike ngoMgqibelo eSouth Pole.

Iningi belimanqikanqika ngokuphumelela kukaNzuzo ngoba ubeziqeqeshela efrijini ngesikhathi elungisela uhambo lwakhe. Ifriji libanda kangcono kunaseSouth Pole.

UNzuzo, okhuliswe ngukhulu wakhe ngenxa yokuthi abazali bakhe bashona, uthe ngohambo lwakhe uqonde ukukhombisa intsha ukuthi ayikho into engeke iyenze uma izimisele ngayo.

UNzuzo ucashunwe ethi usuku afinyelele ngalo eSouth Pole akasoze alukhohlwa empilweni yakhe.

“Yize ngifike kanzima futhi ngikhathele ngokwedlulele, ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukufinyelela eSouth Pole. Ngiyajabula ukuthi benginabantu abangesekayo futhi ngaphandle kwabo bengingeke ngifike kulesi sigaba,” kusho uNzuzo.

Uthe uhambo belungelula ngenxa yokuthi iminwe yakhe ibisigongobele yiqhwa nekhala bese lishazwe ngamakhaza.

UMnuz Iain Buchan, umsunguli we-Unlimited Child, uthe bebekhathazekile ngoNzuzo kodwa bayajabula ukuthi uphumelele ukuqeda uhambo lwakhe lwaseSouth Pole.

Uthe uyisibonelo kwezinye izingane sokuthi akukho okungama endleleni yomuntu uma ezimisele.

UNzuzo nethimba lakhe laseSouth Pole bazobuya kuleli ngoLwesine eseya enyuvesi lapho eyokwenza izifundo ze-Environmental Science.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
kealoha
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 45.
View Profile
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
Rness
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 34.
View Profile
IOL - dating
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
IOL - dating
keep36
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 24 and 30.
View Profile
IOL - dating
Hey117
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 39 and 55.
View Profile