Imvula ibulale abangu 11 eKZN

Comment on this story
Copy of NM Floods1 INLSA ILUNGU lomphakathi eChatsworth, uMnuz Sibonelo Mbatha, likhombisa lapho kumbozeke khona abantu ababili bashona ngenxa yezikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal. Isithombe: GCINA NDWALANE

MLUNGISI GUMEDE

BABALELWA ku-11 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile ngenxa yezikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal izinsuku zilandelana kusukela ngempelasonto.

Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi kuphinde kwashona abantu abathathu okubalwa kubona nezingane ezimbili eDassenhoek ngemuva kokuthi indlu abebehleli kuyona iwele kubona izolo ekuseni.

Bayisithupha abashone eChatsworth ngemuva kokuthi umjondolo abebehleli kuwona uwele kubona, ababili abaseMlazi, ezinye izidumbu ezimbili zitholakale eMzinto naKwaDabeka. Bathathu abantu okubikwa ukuthi badukile KwaDabeka kuze kube yimanje abakatholakali.

Le mvula ebihambisana nesivunguvungu somoya iphinde yagugula namathuna amathathu emangcwabeni ase-Lovu B.

Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube uvumile ukuthi isifundazwe sibhekene nenkinga ngemuva kokuhlaselwa yizikhukhula.

“Sihlangene lapha ngalesi sikhathi lapho isifundazwe sigubuzelwe yidimoni lokuhlaselwa yizikhukhula ezilokhu ziqhubeke njalo zidala umonakalo ezindaweni eziningi futhi ezidlula nemiphefumulo ziphinde zicekele phansi nengqalasizinda nezimpahla,” kusho uDube.

UNksz Dube uthe sebevakashele izindawo eziningi bafike bathola ukuthi mukhulu umonakalo odalekile ngenxa yemvula.

“Okokuqala ngifuna ukubonga ithimba lezinhlekelele ngokusebenza kanzima linikeza usizo lapho ludingeka khona nokukwazi ukumelana nesimo,” usho kanje.

Uthe kuhlale kulindelekile ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka kube khona izikhukhula ezihlalisa lubhojozi umphakathi.

“Ngesonto imvula enamandla ihlasele oThukela, yagadla eMzinto ngesikhathi sizama ukuyisa usizo khona, yabhidliza ngisho ibhuloho eMkhomazi, kusenjalo iphinde yahlasela naseMajuba nezinye izindawo ezakhele uMasipala weTheku,” usho kanje.

Uthe okwamanje kusaqinisekiswe ukuthi bangu-11 abantu abashonile.

Uthe ikhona eminye imibiko asebeyitholile ngokushona kwabantu kodwa abangakayiqinisekisi emaphoyiseni engenza ukuthi senyuke isibalo sabashonile.

Ezinye izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula i-Acacia Vale, Steadville, Lime Hill, St Chads, Model Kloof and Tsakane, uMzinto, Chatsworth, uMlazi, Ntuzuma, Lindelani, eNanda naseDassenhoek.

Kuthiwa indawo ekhahlamezeke kakhulu kunazo zonke yi-Acacia Vale.

UDube uthe kukhona nemindeni impahla yayo ecekeleke phansi kodwa engenayo imishwalense.

Khonamanjalo, izolo ebusuku kubikwe ukuthi esifundazweni saseMpumalanga kushone abantu abangu 13 ezingozini zemigwaqo ezidalwe imvula. Izangoma zezulu zithe lingase liphenye eKZN ngempelasonto.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.