isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Indida ‘kuvuka’ uMgqumeni


no mgqumeni

ISOLEZWE

uKwakhe Mgqumeni Khumalo owayedume ngeleBhova likaDikadika owashona ngo-2009. Isithombe: Esigciniwe

BAWINILE NGCOBO

 

KUQUBUKE indida izolo ngesikhathi kusabalala izindaba zokuvuka ekufeni komculi kamaskandi uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, owayedume ngeleBhova likaDikadika, owashona ngo-2009.

Udaba lokuvuka ekufeni kukaMgqumeni lusabalale okomlilo wequbula izolo emini njengoba abantu kuthiwa bese bethuthelene ngobuningi kwaKhumalo eNquthu befuna ukuyozibonela ngamehlo ukuthi uvuke ngempela yini.

Kushone elayizolo le ndaba isisabalele yonke indawo, kukhulunywa ngayo ezinkundleni zokuxhumana nasemisakazweni kanti abanye bebefonela ihhovisi leSolezwe bethi baseGoli bafuna ukwazi ukuthi lezi zindaba ziyiqiniso yini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLt Colonel Vincent Mdunge, ukuqinisekisile ukuthi abantu bathuthelene ngobuningi kwaMgqumeni izolo.

UMdunge uthe uma kuwukuthi kugcina kunezinkomba zokuthi nguye lo okuthiwa ubuyile, kuzomele kuyofakwa isicelo eNkantolo ukuze kuyombiwa isidumbu okwakuthiwa ngesakhe bese kuyabhekwa ukuthi ngesikabani, ukuze kuqalwe uphenyo.

Iphoyisa laseNquthu elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ebeliqaphe isimo kwaKhumalo lapho kuthiwa bese kugcwele khona inqwaba yabantu lithe umndeni usaphosa imibuzo lo mlisa ofike wazichaza njengoMgqumeni.

“Yena uyefana naye kodwa umzimba unokwehluka kulokhu ayeyikho. Umndeni usafuna ukumphosa imibuzo uzwe ukuthi uzothini nokuyikho okuzocacisa ukuthi nguye ngempela yini. Okwamanje sisazama ukukhalima abantu asebevele bafika ngobuningi bezofuna ukuzibonela yena,” kusho iphoyisa.

Umfowabo kaMgqumeni obephawula enkundleni yokuxhumana i-facebook uthe usaphuthuma khona ekhaya kodwa akakholwa ukuthi nguye uMgqumeni ovuke kwabafileyo.

Uthe uyoze abone uma esefike ekhaya kuyima ephawula.

Kuthiwa lo muntu ufike eNquthu ngempelasonto kanti uselashwa yinyanga. Eminye imibiko ithe kuzothi ngeSonto esiya kulo bese evezelwa umphakathi nabezindaba ukuze bambone, achaze nokuthi uphumaphi. Lishone elayizolo kuthiwa emuva kokuba ethulwe emphakathini uzobe esenandisa ngezingoma ayedume ngazo njengethi, Agudl’ indlu nethi Amagwala. Wayeyinkukhu nempaka noMtshengiseni Gcwensa naye oshaya umaskandi osadla anhlamvana.

UMnuz Nginga Ndlovu owayecula noMgqumeni obekhona kwaKhumalo uthe akakakwazi ukumbona kahle ngoba amaphoyisa abesabavimba, engakabavumeli abantu bangaphandle ukuthi basondele ngoba umndeni kusakhona osakuphenya kulo muntu.

“Ukujana nalapho ngikhona futhi angikwazi ngisho ukusondela ngoba kugcwele la abantu balokhu befika befuna ukuzibonela,” kuchaza uNdlovu.

Abantu bebeveza imibono eyehlukene ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana njengoba bebebodwa abebejabule ukuthi umculi abebemkhonzile ubuyile, kukhona abebekuthatha njengamampunge lokhu beze besho ukuthi akekho umuntu ongavuka ekufeni sekuphele iminyaka emibili ashona.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
kealoha
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 45.
View Profile
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
Rness
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 34.
View Profile
IOL - dating
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
IOL - dating
keep36
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 24 and 30.
View Profile
IOL - dating
Hey117
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 39 and 55.
View Profile