Indida ngokusayina kukanozinti kuChiefs

Comment on this story
no kuzwayo Gallo Images OBENGUNOZINTI waMaZulu uBrillant Cassillas Khuzwayo uthi akaziswanga ngokusayina kwakhe kuKaizer Chiefs uze wafunda emaphephandabeni njengabo bonke abantu. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE

USEVEZE ukuthi ubengazi ngokusayina kuKaizer Chiefs unozinti waMaZulu uBrilliant “Casillas” Khuzwayo osekuqinisekisiwe ukuthi uzodlalela leli qembu laseNaturena ngesizini ezayo.

Lo nozinti obebolekiswe wuSuthu kuThanda Royal Zulu egijima kuNational First Division (NFD) usezobonakala edlubhe imifaniswano yeZimpofana. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguBobby Motaung oyimenenja yeChiefs yize lo mdlali egcizelele ukuthi akazi lutho ngokusayina kwakhe kuMakhosi.

“Siqede yonke into ngoLwesithathu ebusuku nemenenja yakhe. Umdlali usengowethu futhi uzohlala amasizini amathathu eNaturena. Ungumfana osemncane kanti wenza kahle nasemaqenjini esizwe akuleli. Okunye mayelana nabadlali esizobasayina kuChiefs sizokhipha isitatimende kusasa (namuhla),” kusho uMotaung.

Kuthintwa uKhuzwayo uphendule kanje: “UBobby akakaze angithinte mayelana nokusayina kwami neChiefs. Indaba yokujoyina iChiefs ngisayifunde kwabezindaba, mina angazi lutho ngayo. Akukho engisakusayinile nayo. AmaZulu okuyiwona okumele angazise akakaze angithinte. Engikwaziyo wukuthi iChiefs ibifuna ukungisayinisa ngoJanuwari njengoba bekuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali kodwa yangakwazi ngoba ngibolekiswe kuThanda. Bangitshele ukuthi bazobuya ngoJuni kodwa indaba yokuthi ngisayine kuChiefs ngiyayeshwama.”

Ngesikhathi iChiefs ebifuna ngaso lo mdlalo okokuqala (ngoJanuwari) beyinenkinga yokulinyalelwa ngu-Itumeleng Khune ongunozinti wokuqina kuChiefs. Ukulimala kukaKhune kunikeze ithuba u-Arthur Bartman.

UTim Sukazi ophethe izindaba zikaKhuzwayo uvumile ukuthi useqede yonke into neChiefs.

“UKhuzwayo ngumfana ohlakaniphile. Ngimtshelile ukuthi angakhulumi alinde iChiefs ize imethule ngokusemthweni. NgoJuni 25 umfana uzoqala ukuzilolonga neChiefs ngoba ngoLwesithathu siqede yonke into noBobby,” kusho uSukazi.

Ngasohlangothini lwaMaZulu, uPhilani Mabaso ongumxhumanisi weqembu nabezindaba uthe: “Uma sikhuluma nemenenja yomdlali sithatha ngokuthi isuke isikhulumile naye umdlali. Iyona obekumele imtshele ukuthi isiqedile neChiefs. Thina singakuqinisekile ukuthi umdlali

usengoweChiefs,” kusho uPhilani Mabaso.

UKhuzwayo ungunozinti ophambili weqembu lesizwe le-Under 23 kanti useke wabizwa kuBafana Bafana kabili. Ubekhona elakuleli lidlala neTanzania eDers Salaam lapho iBafana inqobe khona ngo 1-0 wegoli likaSiyabonga Sangweni. Kuthe kusenjalo wadlala kuBafana ibhekene ne-Equatorial Guinea ngoJanuwari walo nyaka.

Khonamanjalo, sekuvele ukuthi uStanton Lewis osezogijima ku-Golden Arrows ngezayo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.