SIHLE NDLOVU
A BADLALI beRoyal Eagles kuzomele bathathe umdlalo ngamunye ngokucophelela ukuze bazuzele iqembu lokhu elikubhekile – ukunyukela ku-Absa Premiership ngesizini ezayo.
Lokhu kugcizelelwe uBheka Phakathi obambe njengomqeqeshi eqenjini elihleli endaweni yesithathu ku-log yeNational First Division (NFD) ngemuva kokushaya AmaZulu ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.
UPhakathi uthe uyabona ukuthi indlela iyakhanya eqenjiji njengoba sekusele imidlalo emihlanu kuphela kusongwe isizini.
Igebe phakathi kwe-Eagles neBaroka FC, esesicongweni ku-log yeNFD, lingamaphuzu amahlanu kuphela.
“Izinto zihamba kahle njengoba sidlale ngokulingana neCape Town All Stars ngeledlule sase siwina kuMaZulu. Kuzomele sithathe umdlalo ngamunye ngokucophelela. Kunamaphuzu awu-15 okumele siwalwele kanti into enhle wukuthi amaqembu esibanga nawo aseqalile ukudedela amaphuzu,” kusho uPhakathi.
UPhakathi ukhuluma kanjena nje iBaroka ishaywe yiVasco da Gama ngo 3-1 eParow Park ngempelasonto. Ngakolunye uhlangothi iHighlands Park esendaweni yesibili ku-log ibambane neMoroka Swallows ngo 1-1.
“Abadlali kuzomele babeke imiqondo kule midlalo esele kodwa banake umdlalo ngamunye, okunye kuzozenzekela. Uma ubheka kahle uzobona ukuthi asikude kakhulu kunamaqembu aphezu kwethu,” kubeka uPhakathi.
Ngokwezibalo i-Eagles isengawudla umhlanganiso kuNFD ekupheleni kwesizini bese inyukela kuPremiership ngaphandle kokudlala imidlalo yokuhlunga. Nokho uPhakathi uthe abafuni ukuzicindeza kakhulu.
“Isifiso sami wukuthi sinyukele kuPremiership kungakhathalekile ukuthi sizodla umhlanganiso kuNFD noma sizodlala imidlalo yokuhlunga. Okumnandi wukuthi sisazodlala namaqembu angaphezu kwethu afana neBaroka okuchaza ukuthi sinethuba lokuzibambela wona.”
Ngempelasonto i-Eagles izonikela eKapa lapho izodlala khona neSantos. UPhakathi uthe kuzomele bawuhlelele kahle lo mdlalo “kodwa kuyangikhulula ukuthi senza kahle eKapa kule sizini.”
Uma uPhakathi engagcina esize i-Eagles yanyukela kuPremiership kungabe kungokwesibili enza lokho namaqembu amabili ehlukene amasizini elandelana. Ngesizini edlule ubeyiphini likaShaun Bartlett ngesikhathi bebuyisela iLamontville Golden Arrows esigabeni esikhulu. I-Eagles isanda kuhlukana noKhabo Zondo obekade eyiqeqesha.
Imiphumela yeNFD:
Moroka Swallows 1-1 Highlands Park; Witbank Spurs 0-1Mbombela United; African Warriors 0-1 Cape Town All Stars; Vasco Da Gama 3-1Baroka FC; Milano United AFC 0 -1FC Cape Town; Royal Eagles 1-0 AmaZulu; Black Leopards 1-0 Mthatha Bucks; Thanda Royal Zulu FC 1-1 Santos