INLSA
u-Mdu Ngcobo noWanita Ngcobo
FANELESIBONGE BENGU
ISILANDELE ezinyathelweni zikayise indodakazi yomhleli wemicimbi ohlonishwayo eThekwini, uMdu Ngcobo, nayo esingene shi kulo mkhakha wokuhlela imicimbi.
UWanita Ngcobo (25), uyindodakazi kaMdu wodumo lokuhlela ikhonsathi edle ngedili lomculo we-jazz, iHazelmere Jazz Festival eba minyaka yonke ngoDisemba 26 futhi ongumnikazi wesitebela esiqopha abaculi iTouch Afrika.
UWanita usesungule inkampani ehlela imicimbi ebizwa ngeWanita Kouture Events.
Uthi usungule le nkampani ngemuva kokusiza uyise isikhathi eside uma ehlela imicimbi ehluke-ne okubalwa kuyo nawo owe-jazz.
“Bengisiza ubaba enkampanini yakhe iTouch Afrika enza imicimbi eyahlukene. Ngibone kungcono ukuthi nami ngiphume ngizimele ngoba ngiyathanda ukubhekana nezinselelo ezahlukene. Ngingasho ngithi akulula neze ukuhlela imicimbi ikakhulukazi uma ungenayo imali ngoba kumele uhambise izicelo ezinkampanini ufuna uxhaso lwezimali ukuze umcimbi wakho uphumelele. Okunye okunzima kimina wukuthi ngimncane futhi ngingowesifazane kanti lo mkhakha uphethwe kakhulu ngabesilisa,” kusho uWanita.
Uyise kaWanita uthe uyajabula uma indodakazi yakhe isikwazi ukuphuma izimele ngemuva kokuyipheka isikhathi eside.
“UWanita uphuma esikoleni sami i-University of Touch Afrika, yena ngiyambona useyavuthwa. Kumanje ngiyamchushisa lapho edinga khona usizo futhi ngimfi-sela okuhle kodwa,” kusho uMdu.
UWanita kumanje uhlela umcimbi wakhe wokuqala womculo wokholo obizwa ngokuthi yiGospel In You Concert.
Le khonsathi ezobe ibophele uHlengiwe Mhlaba, Sfiso Ncwane, Lusanda Spiritual Group, Veliswa noThabile Myeni, izobe iseDurban Christian Centre Jesus Dome ngoJuni 29.
“Ngikhethe ukwenza ikhonsathi yowokholo ngoba angifuni ukubangisa ubaba ezintweni azenzayo futhi ngifuna ukunika abantu into ehlukile. Uma ubheka abaculi abakhona kule khonsathi, uLusanda ngowase-Eastern Cape kanti abantu bambona kakhulu kuthelevishini kuthi uThabile ngowaseMpumalanga owaziwa kakhulu eqenjini iNcandweni Christ Ambassadors. Abantu abeze bezobusiseka. Kungenzeka ukuthi le khonsathi ibe khona njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu futhi ihambele izindawo ezahlukene,” kusho yena.
Amathikithi ale khonsathi ezoqala ngo-7.30 ebusuku aseyatholakala eComputicket.
Services