Advertisement
logoSections

Indodakazi kaMandela isiyiNxusa e-Argentina

I-Argentina isinike uNkk Zenani Mandela-Dlamini (osesithombeni) oyindodakazi kalowo owaba nguMengameli wokuqala weNtando yabaNtu eNingizimu Afrika, uMnuz Nelson Mandela, incwadi emgunyaza ukuba yiNxusa lakuleli eBuenos Aires. Lokhu kudalulwe ngaboMnyango wezangaPhandle ngoMsombuluko.

“Uhulumeni wase-Argentine uhloniphe uNkk Mandela-Dlamini (53) njengeNxusa elisha elimele iNingizimu Afrika kuleliya lizwe,” kusho isitatimende soMnyango wezangaPhandle.

Zenani Mandela. Isithombe: Neil Baynes. Credit: Neil Baynes

UNkk Mandela-Dlamini ngusomabhizinisi ozalwa nguMandela noNkk Winnie Madikizela-Mandela oyinkosikazi yesibili kaMandela.

SHOW ALL
Advertisement