SIMPHIWE NDWANDWE
AYIFIKANGA emngcwabeni wamadodana ayo amabili induna yesigodi saseMankwanyaneni, eNgudwini, eShowe, umndeni wayo othe yesaba ukuthi ingase ibulawe nayo.
UMnuz Maqhobozela Mthethwa, oyinduna, uphoqeleke ukuthi afulathele ikhaya ayobhaca ngenxa yezinsolo zokuthi impilo yakhe ayiphephile kanti namaphoyisa ayamfuna.
Izolo bekungcwatshwa amadodana akhe amabili oMnuz Sipho Goodman Mthethwa (29) noSiphiwe Mfundiseni Mthethwa (36) abasala enkundleni mhla beyobuka umemulo ngempelasonto edlule.
Indodadana kaMthethwa uMnuz Banzi Mthethwa, ithe uyise ubone kungcono abhace ngoba isimo simanzonzo emva kwezinkulumo zokuthi nguyena owasusa udweshu ememulweni.
“Akulula ukuthi avele noma yikanjani manje ngoba abantu bakhuluma izinto eziningi ezingelona iqiniso. Sekukhona nabathi wafika ememulweni ephethe isibhamu ngesandla, okungamanga aluhlaza cwe. Wayengahlomisa kanjani impi kuyohlaselwa kuhanjwa ngisho nomuntu okhubazekile,” kubuza uBanzi.
UMnuz Khulekani Luthuli, okhubazekile owashona naye kulesi sigameko ungcwatshiwe izolo.
Nakuba singacaci ngokuphelele isisusa sempi kodwa abebekhulumela phansi emngcwabeni bebeyihlokoloza indaba yokuklolodelana emdlalweni womgangela.
Kunengebhe yokuthi lolu dungunyane luzokapakela nasemahostela aseThekwini lapho kuzocathanyelwana khona kubulawane.
Bonke abashonile kwaMthethwa nakwaMgenge, lapho Isolezwe likwaze ukufinyelela khona, bachazwe njengezinsizwa ebezingebona ophumasilwe.
Lokhu kokuthi bekungezona izinsizwa ezikhonze ukususa uthuthuva kuze kwagcizelelwa nguMnuz Mbuso Dludla waseMlalazi, obehlala nezinsizwa zakwaMthethwa ehostela iSeventini eMlazi.
“Azikho izigemegeme zodlame abake bathinteka kuzo. Ngamadoda abengakukhonzile ukulwa. Bebengamalungu nje e-IFP okuqina ehostela nje kuphela bengazifaki ezintweni zokulwa,”kusho uDladla.
Siphiwe Mthethwa
Group
NoMnuz Hlanganani Mgenge, obebekwa khona kubo, uchazwe njengomuntu obekhonze ukuzidlalela umgangela kodwa engeyena umuntu wodungunyane. Ubesebenza eThekwini kodwa ebuya njalo ngezimpelasonto.
Amaphoyisa abephuma engena emizini obekungcwatshwa kuyo nalapho kwenzeka akhona lesi sigameko.
UMnuz Simon Mthethwa, ongumfowabo wenduna, uthe abangabazi ukuthi abafana ababeyobukela umemulo bafika becushelwe umgogo ngoba bathi befika nje kwakukhala inganono ibhekiswe kubo.
Kuze kube manje akekho osaboshiwe ngalokhu kuhlasela kanti abathintekayo bayaziwa kulo mphakathi kodwa izakhamizi ziyesaba ukubasho emaphoyiseni ngoba zinovalo lokuthe bazozenza isilo sengubo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services