Inensada yobucwepheshe besimanje i-3 series

Comment on this story
no bmwww

IMOTO: BMW 3 Series

BAYIPHEKA ngomhluzi wenye kwa-BMW ngezimoto zabo abazikhiphayo. Emasontweni edlule ngithole ithuba lokuvivinya i-BMW 3 series esebenzisa udizili. Le 3-series sekungeyesithupha esizukulwaneni sayo selokhu yaqala ukwethulwa eminyakeni edlule. Lena idle ngokuba nkulu uma uyiqhathanisa nendala njengoba ubude bayo bungu 93 mm. Ngaphakathi ubukhulu bayo bubonakala kahle ngokuvuleka.

Abagibeli ngemuva banesikhala sonke sokuzelula ngoba inesikhala esikhulu.

Ihlukene ngezinhlobo ezintathu kuye ngokuthi lithini iphakethe le ndoda njengoba kukhona iSport Line, Luxury Line ne-Modern Line.

Zonke lezi zinhlobo zigabe ngobuchwepheshe obuhlukene nezinto ezengeziwe kuzo. Le BMW 3 series isisindo sayo singaphansi ngo 40 kg uma iqhathaniswa neyilamayo, base bekuqinisekisa ukuthi iba yi- sporty okuyinto yakudala adla ngayo u-BMW.

Kuzoba khona izinhlobo ezintathu zezinjini zonke ezizoba nobuchwepheshe obusha bakwa BMW iTwinPower Turbo Technology.

no bmww

Angeke bagcine lapho kodwa kuzoba nezinye izinjini ezimbili zikadizili kanye nenye engu 6 cylinder esebenzisa upetrol.

Ngokusho kwabo kwa BMW bayinkampani yokuqala yezimoto ukuthi bakhiphe ugearbox ongu 8 speed ozishintshayo esigabeni sezimoto ezingama sedan.

Zonke izinhlobo ze 3 series ziphuma nobuchwepheshe be Auto Start-Stop okusho ukuthi awudingi ukuthi usebenzise ukhiye uma udumisa, kodwa kunebhathini lokudumisa nokucisha. Into okudingeka ukuthi wena ukwazi ukuthi uyenze ukuthi iqhosha likakhiye libe semzimbeni wakho noma ngaphakathi kuyo imoto.

Ugearbox omusha onamagiya angu 8 usebenza ngezindlela ezihlukene kukhona ishift comfort, dynamic performance kanye ne efficiency.

Njengoba kuyimoto yesimanje enobuchwepheshe be EfficientDynamics Technology iyonga kuphethiloli ngenxa yezinto ezihambisana nalobu buchwepheshe njenge Auto Start- Stop function, Brake Energy Regeneration, Optimum Shift Indicator

Udideka ikhanda uma utshela ngobuchwepheshe obuqukethwe kule moto bheka nje ngoba kukhona ne Driving Experience Control switch esiza ekongeni upetrol kuye ngokuthi imoto uyishayela kanjani.

Kukhona i-BMW 320d EfficientDynamics Edition, enamandla afinyelela ku 120 kW esebenzisa upetrol ongu 4.1 l ngebanga elingu 100 km kanye ne CO2 emissions ka 109 g/km.

Zikhona ezinye izinjini ezisazoalandela ngo 2012.

YENZA IMPILO IBE LULA FUTHI IPHEPHE

Le BMW iphuma ne Head-Up Display, lapho umshayeli ekwazi ukubona konke okubalulekile kwi windscreen, ngokujwayelekile ukuba into oyibona kwi dashboard.

Lokhu kwenziwa kwaqondaniswa nomshayeli ukuze amehlo akhe angasuki emgwaqeni.

Kukhona ne Surround View, Side View ne Top View, esiza ekutheni umshayeli akwazi ukubona zonke izinhlangothi zemoto nezinto eziseduze kwayo.

Abagcinanga lapho kodwa le moto bayikhiphe ne Parking Assist, ne Active Cruise Control, kanye ne Lane Departure Warning exwayisa umshayeli uma ezoshintsha umzila emgwaqeni. Impela into esishoda kule moto ukuthi ikhulume nje kuphela njengoba inobunye futhi ubuchwepheshe obubizwa nge Real-Time Traffic Information (RTTI) obuhambisana ne-Advanced eCall. Uma besho bathi uma kwenzeka ingozi iyakwazi ukunika abezokuhlangula yonke imininingwane yengozi nokuthi yenzeke kanjani ngaphambi kokuthi bafike endaweni yengozi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.