.
INTOMBAZANE (14) ejola nebhungu elidala kakhulu kunalo ithi ayizimisele ngokuhlukana nalo. Isithombe: BONGANI MBATHA
LUNGI LANGA
AYIZWA mshini intombazane eneminyaka engu-14 yaseDube Village, eNanda ethi ingalifela nokulifela isoka layo elina-22 eselithembise ukuyishada uma iqeda isikole.
Le ntombazane, esiligodlile igama layo, kuthiwa isiyehlule ngisho umndeni uyibonisa kodwa ivele ithi ilizwa ekhaleni isoka layo uGqula Tshembeni waKwaMhlabuyalingana ngakho abayixege.
Ithi yona noTshembeni bayathandana futhi kade baqala, akekho ozobahlukanisa.
“Siyathandana futhi sesinesikhathi sithandana. Angiyiboni mina inkinga ekuthandaneni naye,” kusho le ntombazana esafunda uGrade 8.
Ithe yona noTshembeni onesitolo ngakubo baqala ukuthandana ngo-2010 isaneminyaka engu-12 namanje basaqhubeka khona.
Iqhube yathi umama wayo oshone kule nyanga naye ubengenankinga ngokuthandana kwabo.
“Umama wangibamba ukuthi ngithandana naye ngonyaka odlule wangithethisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi uthe ayikho inkinga ngingaqhubeka naye uma ngimthanda ngempela. Ngokuhamba kwesikhathi bakhuluma bavumelana ngokuthandana kwethu,” kuqhuba intombazane.
Uthe uTshembeni uthembise ukuthi uyamthanda futhi uzomshada uma eseqede isikole.
Lokhu kufakazelwe nguye uTshembeni othe uyayithanda le ntombazane futhi akazimisele ngokudlala ngayo.
“Nomama wakhe ngamtshela ukuthi ngeke ngidlale ngengane yakhe. Wangiyala kaningi ukuthi ngiyiphathe kahle ingane yakhe waze wangitshela ukuthi ngingazihluphi ngezinto ezikhulunywa ngabantu ngoba banomona,” kusho uTshembeni.
Uthe yena kade ayithanda le ntombazane futhi ukube kuya ngaye ngabe wonke umuntu uyakubona lokhu.
“Abantu banomona, hhayi ngoba benendaba naye yingoba befuna mina ngingadayisi lapha. Akukho okuzongihluka-nisa naye,” kugcizelela uTshembeni.
Ebuzwa ngomthetho mayelana nokuthandana nengane encane uthe uyazi ngawo futhi lokhu kuyamkhathaza kepha akakwazi ukuyekela ukuthandana nale ngane.
Uthe kukhona akukhokha kubo kantombazane kepha akafuni ukugxila kukho ngoba wayengamthengi.
Umndeni wentombzane uthe ukhathazekile ngokuthandana kwayo nalo mlisa.
Umfowabo (30) ohlala eShongweni Dam ngenxa yokusebenza uthe bafuna kwenziwe okuthile ngalokhu.
“Kade ngangikhuluma naye ngithi akahlukane nalo muntu ngoba kuzophazamiseka ikusasa lakhe kepha kubukeka engathi akazimisele ngokuzwa esikukhuluma kuye,” kusho umfowabo.
Amanye amalungu omndeni athe amtshela unina wentombazane ngalokhu befuna ukuvula icala kepha wanqaba wathi yena akanankinga ngokwenzeka kubo.
Isikhulu soMnyango wezoBulungiswa KwaZulu-Natal uNkk Bridgette Shabalala uthe akukho semthethweni ukulala nomuntu ongaphansi kweminyaka engu-15.
Uthe umndeni wale ntombazane ungamvulela icala uTshembeni ngalokhu.
“Kufanele labo abasondelene naye nanoma ubani okhathazekile ngalokhu okwenzekayo ayovula icala ngoba akukho emthethweni ukuba nobudlelwano nengane eneminyaka engaphansi kuka-15,” kusho uNkk Shabalala.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services