Ingase iqoshelwe e-SA iBold

Comment on this story
NO_terry phetho0 INLSA Bazothokoza abaningi ukubona uTerry Pheto ozoqala ukubonakala kwiThe Bold and The Beautiful ngoLwesibili. Isithombe: Bongiwe Mchunu

NONHLANHLA MKHABELA

KUNEZINGXOXO ezikhona mayelana nokuthi ezinye iziqephu zomdlalo owuchungechunge osuneminyaka ukhonjiswa ku-SABC 1, iThe Bold And The Beautiful, ziqoshelwe eNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe nguPhillip Mabitsela, okhulumela u-SABC 1, othe kuningi okusengenzeka kulo mdlalo okuthinta ngqo iNingizimu Afrika njengoba sekuqale ngokufakwa kuwo intandokazi yomlingisi wakuleli, uTerry Pheto, wodumo lwefilimu iTsotsi.

UTerry, osekuphele isikhathi esingaphezu konyaka kwamenyezelwa ukuthi uzolingisa kulo mdlalo, uzoqala ukuvela kuwo ngoLwesibili.

Ngokusho kukaMabitsela, bekumele ngabe isiqephu sokuqala esinoTerry sizovela ngoMsombuluko kodwa ngenxa yenkulumo eyaba khona kaMengameli Jacob Zuma nomdlalo webhola kwaba nokuphazamiseka kwezinhlelo ezejwayelekile.

Uthe isiqephu azogcina ukuvela kuso uTerry kulo mdlalo sizoba ngo-Okthoba 6 kodwa wathi lokhu akusho ukuthi kuzobe sekuphelile ngaye nalo mdlalo.

NO_terry pheto0 KUZOTHOKOZA abaningi ukubona u Terry Pheto ozoqala ukubonakala kwiThe Bold and The Beautiful ngoLwesihlanu. Group

“Kuningi okusengenzeka, lisekhona ithuba lokuthi abe The Bold And The Beautiful bafune ukuqhubeka naye uTerry,” kuchaza uPhillip.

UTerry uzobe elingisa indawo kadokotela wenhliziyo, uDr Malaika Maponya, kanti waqala ukuqopha kuwona ngoJuni ngonyaka odlule.

UPhillip uthe izolo bekunomcimbi wokubungaza lo mlingisi obuseRadisson Blu Hotel, eSandton, lapho bekunconywa khona umsebenzi wakhe ebongelwa nangokuthi usezovela kwiThe Bold And The Beautiful.

“Sithe asikwenze lokhu njengendlela yokubungaza nabo bonke abanye abantu besifazane njengoba kuseyinyanga yabo nje, sihalalisele noTerry ngomsebenzi wakhe,” kusho uPhillip.

Igama likaTerry selaziwa kakhulu kwithelevishini nokwenza ukudlala kwakhe kulo mdlalo, ojwayeleke ngegama elinqanyuliwe iBold kubalandeli, kube ngundabuzekwayo.

Phakathi kweminye imidlalo eminingi useke wadlala kwiZone 14, Jacob’s Cross neHopeville okuwumdlalo owuchungenchunge owaphendulwa ifilimu eyahlomula amaSAFTA amabili.

IBold isineminyaka engu-25 yaqala ukudlala kwithelevishini kanti inabalandeli abaningi kuleli futhi sekujwayelekile nokuthi osaziwayo abadlala kuyo bavakashe kuleli bahlangane nabalandeli babo bese benikele ngezipho nangamaholide, nokwenza babe baningi abantu abazokuthokozela ukubona uTerry kulo mdlalo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.