Ingebhe kudedelwa abamsola kwelocansi

Comment on this story
NO rape2~1 INLSA ABESIFAZANE ababili bandawonye baseLindelani abathi badlwengulwe owesilisa osonta ebandleni lomfundisi onetende eLindelani. Isithombe: PATRICK MTOLO

MLUNGISI GUMEDE

BAHLALELE ovalweni abesifazane abathathu bandawonye b aseLindelani ngemuva kokuthi owesilisa osolwa ngokubadlwengula okuthiwa unguMvangeli ebandleni elinetende endaweni eboshwe waphinde wadedelwa amaphoyisa ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani.

Leli bandla njengamanje linetende eLindelani eduze kwalapho kuhlala khona lezi zelamani.

Abesifazane iminyaka yabo ephakathi kuka-21 no-25, sebeze babaleka ngisho ekhaya bayohlala komakhelwane ngemuva kwesigameko.

Belandisa ngalesi sigameko, bathe babezilalele ebusuku ngo-Disemba 14 nyakenye ngesikhathi bebona owesilisa esengaphakathi endlini ephethe isibhamu wathi abavuke ufuna imali.

“Ngamtshela ukuthi imali asinayo, wabe esebuza ukuthi pho sizodlani ngoKhisimusi sathi sizovakashela ezihlotsheni emakhaya,” kusho omunye walaba besifazane. Bathe umsolwa wabe esethi omunye akavuse odadewabo ababili ababesabanjwe wubuthongo, wengeza ngokuthi abakhumule balale babe wulayini, izinqe zabo bazimise onqenqemeni lombhede izinyawo zabo zime phansi wabe esebamboza ngengubo ebusweni.

“Uqale wadlwengula udadewethu omncane ofunda uMatric walandelisa ngami,” kusho owesifazane oneminyaka engu-25.

Uqhube wathi eseqedile ukudlwengula yena waya komunye udadewabo omncane wazama ukumfaka umunwe esithweni sakhe sangasese wangangena wambuza ukuthi ufakeni ngaphansi udadewabo wamtshela ukuthi akafake lutho uyintombi nto.

“Umsolwa wabuza kudadewethu ukuthi ulindeni engalali nomfana, ulinde umshado yini, wathi yena uzomvula. Wazama ukumdlwengula udadewethu oyintombi nto wahluleka, isitho sakhe sangasese sangangena kuyena wagcina esemduba wathi akafuni ukuthi amngcolise ngegazi,” usho kanje.

Laba besifazane bayahluleka wukuzibamba bavele bakhale uma belanda ngalesi sigameko. Bathi bazibona bengaphephile njengoba umsolwa ededelwe amaphoyisa.

Lesi sigameko sokudlwengulwa kwabo kuthiwa silandele esinye isigameko sokudlwengulwa kwenye intandane eyanukubezwa phambi kwesoka layo wumuntu owayephethe isibhamu. Kodwa akucaci ukuthi ngabe kwakungumsolwa yini lowo.

Lezi zigameko zithukuthelisile amalungu omphakathi. Ilungu lomkhandlu obhekelele ukulwa nobugebengu i-Community Policing Forum (CPF) uNkk Ntombinkulu Zulu lithe bakhathazekile ngokwanda kwezigameko zokudlwengula endaweni.

Elinye ilungu le-CPF elingathandanga negama lalo lithe ngesonto eledlule bebehlele ukuthi bayomasha kuleli tende lesonto kodwa baphazanyiswa yimvula.

“Sizophindela esontweni siyobhikisha ngoba ngeke sibe namasonto afuya abadlwenguli,” lisho kanje.

Kuthintwa uMfundisi waleli bandla eThekwini akazange atholakale ukuthi aphawule ngoba kuze kwaphela izinsuku ezimbili ucingo lwakhe lungena komunye wabasebenzi bakhe kwelinye ibhizinisi analo.

Kuthintwa uMama uMfundisi uthe ngeke abe namandla okuphawula ngalolu daba ngoba ludinga uMfundisi uqobo wathembisa ukuthi uzothumelela umyeni wakhe i-SMS enenombolo yentatheli kodwa ugcine engaphendulanga.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokugqekeza nokudlwengulwa kwabesifazane abathathu bandawonye, wengeza ngokuthi ukhona umsolwa oke waboshwa kodwa wabuye wadedelwa. Nokho asicaci isizathu sokudedelwa komsolwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.