Steve Haag Gallo Images
AKUKACACI noma iMaritzburg United yenze into efanele yini ngokubuyisa |u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi
YIZE izikhulu zamaqembu aKwaZulu-Natal zivumelana ngokuthi asikho isizathu sokwenyuka kwamaphaphu kubalandeli kodwa kubukeka kuzodingeka kusetshenzwe kanzima ukuqeda ingebhe yezembe njengoba silokhu sikhale njalo isibhaxu kulesi sifundazwe.
Izinguquko ezenziwe yiMaritzburg United, AmaZulu, Lamontville Golden Arrows azikatheli izithelo ezibonakalayo kwazise alikho nelilodwa elibukeka likhululekile uma kukhulunywa indaba yezembe. Ukuqashwa kuka-Ernst Middendorp othathe indawo ka-Ian Palmer obeqeqesha iTeam of Choice akukezi nazinguquko njengoba leli qembu laseMphithi lingakaze liwine kulo nyaka. Ngesonto eledlule lidlale ngokulingana ngo-0-0 neBidvest Wits ngaphambi kokushayelwa ekhaya ngo-2-0 yi-Ajax Cape Town. Lokhu akungabazeki ukuthi sekuqalile ukufaka itwetwe kubalandeli abaphuma ngobuningi ikakhulukazi uma iMaritzburg idlalela ekhaya nababevele beshaya amakhala ngokubuyiswa kukaMiddendorp. Lo mqeqeshi waxoshwa ngesizini edlule, wayishiya ilengelwa yizembe iTeam of Choice. Womathathu amaqembu aseKZN asebashintshile abaqeqeshi kule sizini.
Isikhulu esiphezulu seMaritzburg uYounis Kadodia utshele Isolezwe ukuthi yize kungehli kahle ukwehlulwa nokudlala ngokulingana emidlalweni yakamuva kodwa asikho isidingo sokuxhamazela.
“Siyakuqonda ukuthi abalandeli baphoxekile ngendlela esiqale ngayo unyaka ikakhulukazi ukushayelwa ekhaya kodwa asikho isidingo sokuxhamazela. Sinalo ithemba lokuthi izinto zizohlangana ngoba sidlala kahle kodwa senza amaphutha agcina esilimazile,” kusho uKadodia.
“Siyeke amathuba amaningi sibhekene ne-Ajax yagcina ngokusijezisa kodwa awehle amaphaphu kubalandeli. Inhlanhla izovuleka.”
ITeam of Choice ibhekene nomqansa ngempelasonto njengoba izovakashela i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium.
Usihlalo we-Arrows uMato Madlala uthe asikho isidingo sokutatazela okwamanje.
“Ngisenelisekile ngomqeqeshi futhi nabadlali bajabule ngaye. Ngiyawubona umehluko eqenjini selokhu kufike u-Ertugral,” kusho uMadlala.
UPhilani Mabaso waMaZulu uthe bona bakuthatha njengesibusiso ukuthi bahlulwe manje ukuze balungise amaphutha.
“Lokhu kuyasiphoqa ukuthi silungise amaphutha singakaqhubeki kakhulu. Okumnandi ukuthi wonke umuntu eqenjini uyasibona isidingo sokusebenza kanzima,” kusho uMabaso.
Uthe abadlali abadala eqenjini bayibhungile indlela iqembu elenza ngayo nokuyinto athe ikhombisa ukuthi wonke umuntu wethukile ngesimo iqembu elikuso.
AmaZulu asanda kwehlulwa yiMamelodi Sundowns (1-0) ekhaya neFree State Stars (2-1) ekuhambeni azovakashela iSupersport ngoMgqibelo ebusuku eLucas Moripe Stadium.
|
|
Services
Comment Guidelines