isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Ingqophamlando kwiDusi yalo nyaka

Comment on this story


no dusi 1st lady

.

UZOQOPHA umlando uCandy Mavundla ngokuba ngowesi-fazane wokuqala ukungenela iDusi. Isithombe: SITHUNYELWE

USEKUBHEKE ngabomvu ukuqopha umlando owesifazane ozoba ngowokuqala omnyama ukungenela umjaho i-Unlimited Dusi Marathon kulo nyaka esigabeni sabagwedli abakhokhelwayo.

UCandy Mavundla (17), waseMbali, eMgungundlovu uthe uthando lwalo mdlalo lwenza aqunge isibindi angenele lo mjaho yize uyingozi.

“Ngijabulile kodwa ngithukile. Kuyingozi kakhulu ukudlala lo mdlalo kodwa ngoba ngilangazelela ukuhluka ngizoqunga isibindi. Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngizoba ngowesifazane omnyama wokuqala ukungenela i-Dusi,” kusho uCandy.

Lo mgwedli uthe phakathi kwemidlalo eminingi azifela ngayo wabona kuyinselelo ukuthi akekho ozijubayo angenele lo mdlalo odume kakhulu kwabamhlophe.

“Ngabona isikhala esikhulu kulo mdlalo. Abantu abaningi besifazane abazimisele ukuqunga isibindi, bayesaba ukungena emanzini,” kusho yena.

Le ntokazi izobe igwedla noNombuso Mzolo naye ozobe eqala ngqa ukugwedla kwiDusi.

Umqeqeshi wale ntokazi uJosta Oliphant uzishaya isifuba ngokufaka lezi zintokazi kwi-Dusi yize bebebhekene nezingqinamba eziningi.

“Kulukhuni kakhulu ukufundisa amantombazane ngoba kuningi esingenakho okunjengezinto zokuhamba nesikebhe esisesimweni esikahle. Sigwedla nasedamini elincane elenza bangakwazi ukuzilungiselela kahle,” kusho yena.

Lo mqeqeshi uthe yize kukuningi akhala ngakho kodwa ulindele ukuba lezi zintokazi zenze ezibukwayo.

“Bayazimisela kakhulu, okwenza ngingangabazi ukuthi bazokwenza kahle. Silindele lukhulu kubona, ukuphakamisa igama labesimame kulo mdlalo,” kusho yena.

Cishe lo mqhudelwano walo nyaka uzobe ubhekwe kakhulu njengoba kukuningi okuzobe kuqala ukwenzeka.

UMichael Mbanjwa ongumuntu wokuqala omnyama ukudla umhlanganiso kulo mjaho njengoba aqala ukuwina ehambisana noMartin Dreyer, kulokhu uzobe ehambisana noSibonelo Zondi. Uma benqoba lokhu kuyosho ukuthi bangabantu abamnyama bokuqala ukunqoba iDusi begwedla bobabili.

Lo mjaho uzosuka eMgungundlovu uphelele eBlue Lagoon eThekwini ngoFebhuwari 16-18.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
kealoha
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 45.
View Profile
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
Rness
I'm a 33 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 34.
View Profile
IOL - dating
BK1
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 27.
View Profile
IOL - dating
keep36
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 24 and 30.
View Profile
IOL - dating
Hey117
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 39 and 55.
View Profile