Inhlansi yethemba kolwamatekisi

Comment on this story
Copy of no mkhwanazi Group UMNUZ Bongani Mkhwanazi egxeka isenzo sokudutshulwa kosomatekisi ababili KwaMaphumulo ngoLwesibili

MLUNGISI GUMEDE

KUNETHEMBA lokuthi uzothela izithelo umhlangano wanamuhla kaNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu nosomatekisi baKwaDukuza ngodaba lokumiswa kokusebenza kwamateksi kule ndawo.

Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe uma zonke izinhlaka ezithintekayo zizobambisana lolu daba lokumiswa kokusebenza kwezimoto luzoxazululeka.

“Sinethemba elikhulu ukuthi umhlangano wethu uzoba yimpumelelo nabagibeli bakwazi ukuthola izinto zokuhamba,” usho kanje.

Osomatekisi baseStanger bathathe isinqumo sokuthi bakumise ukusebenza kwamatekisi ngoba bekhala ngokuthi abanazo izimvume zokusebenza.

Izimvume zokusebenza zikasoseshini waseStanger nowaKwaMaphumulo zamiswa uMnyango ngemuva kokuthi lezi zinhlangano zatholana phezulu zibanga imizila kwashona inqwaba yabantu.

NO TAXIVIOLENCE USiyanda Buthelezi kwesokunxele ephethe isithombe sikamfowabo uMxolisi Buthelezi odubuleke washona amaphoyisa exakazisana nabamatekisi nomphakathi waseFolweni eThekwini ngoMsombuluko. Group

Le mpi iqale ngo-2002 yaze yaphela ngo-2005.

Kusukela ngo-2006, labo soseshini bebesebenza ngaphandle kwezimvume njengoba inhlangano yaseStanger ngeledlule inqume ukuzimisa izimoto zayo.

Ozakwabo baKwaMaphumulo bona bayaqhubeka nokusebenza yize izimbangi zabo zimile.

USihlalo kasoseshini waseStanger uMnuz Sanele Zondi usole uMnyango ngokuhudula izinyawo ekulungiseni lesi simo.

“Kufanele ngabe le nkinga kade yalungiswa kodwa ngoba uMnyango wethu awuzikhathalele izimpilo zabantu,” usho kanje.

Abantu bakule ndawo bathe sebewadubile amatekisi noma esengabuya angeke besawasebenzisa ngoba sebehlukumezeke kakhulu engekho.

Bathe bancama ukusebenzisa amabhasi nezinye izinhlobo zezithuthi kunokuthi babuyele ematekisini.

USihlalo wezinhlangano zamatekisi kwisifunda iLembe uMnuz Bongani Shamase naye uhambe emazwini kaNcalane wathi unethemba lokuthi umhlangano wanamhlanje uzophuma nesisombululo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.