Inhloko yezeMpilo ecaleni lokuziphatha kabi

Comment on this story
no Copy of NM_nomakhosi 20 Ex-QDMS Dkt Nomkhosi Gxagxisa.

MPUME MADLALA no-ANELISA KUBHEKA

UMKHANDLU wezempilo, iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA), uthole iNhloko yezeMpilo eThekwini inecala lokungaziphathi kahle. Uphenyo obeluqondiswe kuDkt Nomkhosi Gxagxisa lwaqala emuva kwezikhalo zabenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) abakhononda kwi-HPCSA.

Okhulumela iHPCSA, uBertha Peters-Scheepers, uthe uGxagxisa uyalelwe ukuba akhokhe imali engu-R20 000 ngokuvuma icala.

Amacala akhe asukela onyakeni ka-1992 kuze kube nguNovemba 2011 ngesikhathi esasebenza engudokotela kodwa engabhalisile ngaphansi kwalo mkhandlu.

Kwaba khona nemibuzo ngeziqu zakhe iDiploma ayithola eRussia. Ngo-2011 uGxagxisa wasula ehhovisi lephini leMenenja yeTheku emuva kokuvela kokuthi waqashwa wumasipala nakuba wayengabhalisile ngaphansi kwe-HPCSA njengoba kwakusho eminye imibandela yomsebenzi ayeqashelwe wona.

Wayiswa kwenye indawo kumasipala emuva kokuba iSamwu yaba nezikhalo ngokuqashwa kwakhe ithi akanazo izinto ezidingeka kulo msebenzi.

Okunye asolwa ngakho ukuqasha ngetiye njengoba indodana yakhe uNceba kuthiwa yaqashwa ukuthi ibe ngumabhalane omkhulu ngaphansi komnyango wakhe. UNobhala weSamwu, uJaycee Ncanana, uthe uyajabula ngokuthi ligcine liphumile iqiniso.

Uthi kodwa basafuna ukwazi ukuthi wayekade eqashwe kanjani.

“Yini labo abahlunga igama lakhe bengazange babhekisise iziqu zakhe. Kungenzeka ukuthi wukunganaki noma inkohlakalo kodwa kudingeka ukuthi kube khona umuntu ozophendula,” kusho uNcanana.

Okhulumela uMasipala, uThabo Mofokeng, uthe uGxagxisa usazoqhubeka nokuba yinhloko yezempilo kumasipala nakuba etholwe enecala lokungaziphathi kahle. Uthe bebengakatholi lutho oluvela kwiHPCSA ngesikhalo esenziwa ngoGxagxisa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.