Iningi alinalwazi ngophethiloli

Comment on this story
no Copy of ct Petrol Hike_2529 INLSA UCWANINGO luveza ukuthi iningi labantu alinalo ulwazi oluningi ngo-petrol oluwufaka ezimotweni zalo

INTATHELI YEZEZIMOTO

ABASHAYELI bezimoto kuleli abakugqizi qakala ukuthi uhlobo luni lukaphethiloli abalufaka ezimotweni zabo. Ucwaningo olwenziwe yinkampani kaphethiloli iBP Ultimate muva nje luveze ukuthi iningi labantu eNingizimu Afrika abanaki ukuthi bafaka nhloboni kaphethiloli emotweni uma befika emagaraji.

Kukhulunywe nabantu abangaphezulu kuka-2 000 abebethathwa ezindaweni ezihlukene ezweni lonke ngolwazi abanalo ngamanani kaphethiloli, ukuhlukana kwezinhlobo. Iningi labantu abasebenzisa uphethiloli wohlobo lwe-unleaded okukhulunywe nalo liveze ukuthi lona lukhokha kakhulu kunemali esemthethweni. Labo abafaka udizili bona kuvele ukuthi abanalwazi lokuthi bakhokha malini ngodizili.

Abashayeli okukhulunywe nabo kutholwe ukuthi abanalwazi phakathi kukaphethiloli wohlobo lwe-93 no-95. Abanye abazi nokuthi yini okusuke kukhulunywa ngayo uma kushiwo ukukhishwa komthofi kuphethiloli.

Ingxenye engu-48% wabashayeli bamatekisi okukhulunywe nabo abagcwalisa izikhathi eziningi uphethiloli bayawazi umehluko phakathi kwezinhlobo zikaphethiloli. Abantu abangu 83% okuxoxwe nabo bakholelwa ekutheni uhlobo lukaphethiloli lubalulekile emotweni futhi ikhona nendima oluyidlalayo.

Uma kubhekwa ekutheni abashayeli bezimoto bafinyelela kanjani esinqumweni sokuthi bazosebenzisa liphi igaraji likaphethiloli, okukhulunywe nabo bathi babheka igaraji eliseduze nalapho behlala khona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.