KUCHWAZE ihholo, kwaqhuma amakhwelo, kwakikizwa ngesikhathi owesilisa waseDundee emangaza isithandwa sakhe esicela umshado ekhonsathini yeJoyous Celebration e-ICC, ngoMgqibelo ebusuku.
UMnuz Lethukuthula Buthelezi (31) umangaze intombi yakhe uNksz Sthembile Mntambo (29) eyicela umshado ngesikhathi bebizelwe esteji nguJabu Hlongwane weJoyous.
UButhelezi ubengomunye wabalandeli baleli qembu abebegqoke izikibha ezinombhalo weJoyous, ababizelwe esteji nguJabu ngenxa yokugqoka zona. Ngaphezu kwesikibha uButhelezi ubegqoke ibhantshi elihlotshiswe ngembali. Ngesikhathi besesteji uJabu ubabuze bonke amagama abo.
Uphinde wambuza uButhelezi ukuthi ungumlandeli waliphi iqembu lebhola. Ngesikhathi ephendula ethi uhamba neKaizer Chiefs kuvele kwachwaza i-ICC kwazise ngalolu suku iChiefs ibisanda kushaya i-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Champion Cup, obuseFNB Stadium, eGoli.
UJabu uthe uchazwa yindlela alihlobise ngayo uButhelezi ibhantshi lakhe njengoba belinembali ebomvu.
Uqede lapho wabuza ukuthi uhamba nobani wabe esesho ukuthi uhamba noNksz Mntambo, uJabu wacela nokuthi naye agibele esteji.
Ngesikhathi uNksz Mntambo eza esteji uJabu ubelokhu emncoma ethi uButhelezi ukhethile impela.
Sebendawonye unike uButhelezi umbhobho ethi akaxolise kubantu ngoba wenze ukuthi kuchwaze ihholo ngokuthi aveze ukuthi ungumlandeli weChiefs.
Ngesikhathi ethatha umbhobho uButhelezi abantu bathule bathi cwaka belinde ukuzwa ukuthi uzoxolisa athini.
Kunalokho uvele wathi uyabonga kwiJoyous ngokuthi yenze usuku lwakhe lube yimpumelelo.
Abantu bathe besamangele ngethuba alibongayo waguqa phansi ngedolo phambi kwesithandwa sakhe maqede wakhipha indandatho wasicela umshado.
UNksz Mntambo uvume maqede kwehla izinyembezi zenjabulo.
Kungaleso sikhathi-ke kuchwaze ihholo kwakikizwa kwaze kwaculwa nezingoma zomshado.
UJabu (esho sakudlala), uthe uyacela abantu bangabe-ke sebebhalela kwiJoyous befuna ibashelele, abantu bahleka.
Ngesikhathi leli phephandaba lixoxa nalezi zithandani zithe zinezinyanga ezine zithandana.
UButhelezi uthe akakaveli ukuyolobola kubo kwesithandwa sakhe kodwa uzoya ngemuva kwezinyanga ezimbili. Umshado uthe bafisa ube ngonyaka ozayo.
Echaza ngokucela kwakhe umshado kuNksz Mntambo, uthe wabhalela kwiJoyous ecela ukuthi imnike ithuba lokuthi amangaze isithandwa sakhe.
“Bengingenaso isiqiniseko sokuthi izonginika ithuba lokuthi ngiye esteji ngiyocela umshado. Bese ngizitshele ukuthi engizokwenza ngizocela umshado kuSthembile sekuphunywa emcimbini ngesikhathi abantu sebehla ezitebhisini e-ICC beya emakhaya,” kusho uButhelezi.
Uthe isithandwa sakhe besingazi ukuthi uzosicela umshado kwiJoyous kwazise bebeqala nokuhambela umcimbi waleli qembu kodwa bangabalandeli bokuqina balo.
Nendandatho uthe wakala usayizi womunwe wesithandwa sakhe esebenzisa i-straw asibophela emunweni waso enza sengathi uyazidlalela nje ngolunye usuku bezikhiphile naso.