Injabulo ibuzwa eThekwini

Comment on this story
no thandiswa . UMCULI uThandiswaMazwai uzocula namhlanje eWestridge Park komunye wemicimbi emikhulu kule mpelasonto

NONHLANHLA MKHABELA

AMABHISHI ayanyinyitheka, izivakashi ziyalakanyana kanti nemicimbi ithe chithi saka eThekwini kusukela kule mpelasonto kwazise amaholidi asefikile.

Abathandi bobumnandi nezemidlalo abaseThekwini namaphethelo bazobe bethokozile kule mpelasonto njengoba kuhlelwe inqwaba yemicimbi yobumnandi futhi kuzoba nomdlalo wobungani phakathi kweBafana Bafana neMalawi, ozobe usenkundleni iMoses Mabhida.

Yize ubumnandi buzobe buyindathane, amaphoyisa asexwayise ngokuthi azobe engabekezeleli muntu ophula umthetho futhi zizoqina nezokuphepha ukuze abantu bazijabulise bekhululekile ngalesi sikhathi samaholidi.

Okhulumela amaphoyisa eTheku uSenior Superintendent Eugene Msomi unxuse ukuthi abantu banciphise ophuzweni ngoba okuningi okungahambi kahle kusuka uma abantu “sebedlile”.

“Sinxusa ikakhulukazi laba abaya emabhishi ukuthi bayeke ukuphatha inqwaba yotshwala beze ngenhloso yokuzodakwa ngoba bagcina sebenza izinto ezingalungile ababengeke bazenze uma bephila saka. Uthole sekuhlukumezeka nabantu besifazane sebethintwa ngendlela engafanele,” kunxusa uMsomi.

Uthe labo abafika notshwala obuyinqwaba bayaphucwa banikwe iziliphu zokuthi babuye bazobulanda uma sebehamba.

Emigwaqweni nakhona uthe azobe ephume ngezinkani amaphoyisa egade abantu abangawulandeli umthetho.

“Ngesonto eledlule kuphela nje sibophe abantu abangu-170 emigwaqweni nesethemba ukuthi kuzwelile kwabaningi bazofunda ukugcina imithetho yomgwaqo kanti sisazoqhubeka nokuba semigwaqweni,” kubeka uMsomi.

Njengoba imicimbi eminingi iba sebusuku uMsomi uthe amaphoyisa eTheku ngokubambisana no-SAPS nabahlengi basolwandle bazoqinisekisa ukuthi abantu baphephile ngalezi zikhathi.

Ubumnandi buqala namhlanje ngomcimbi obhekwe ngabomvu ohlelwe nguMbongeni Ngema, ozoba seWestridge Park ngo-1 emini, kuwo kuboshelwe izihlabani iLadysmith Black Mambazo, Soul Brothers, Thandiswa Mazwai, Jimmy Dludlu, Mbongeni Ngema nabanye.

Khona namhlanje kuzobe kukhona idili leJoyous Showcase e-BAT Centre, ngo-6.30 ntambama, lapho kuzobe kucula khona abanye abaculi beJoyous Celebration asebecula ngabodwana.

Iyaqhubeka ne-Kasie 2 Kasie Tour okugqugquzelwa ngayo abantu ukuthi babe yingxenye ye-Afcon e-Cassablanca Lounge, eMolweni ngo-12 emini.

Abathandi be-jazz exutshwe nomculo wokholo bazothokozela ikhonsathi yesihlabani se-jazz i-Christmas with Jonathan Butler eJesus Dome ne-Gospel Extravaganza e-Playhouse kusihlwa, okuboshelwe kuyo oJudith Sephuma, Siphokazi ukubalwa abambalwa.

Eminye imicimbi elindeleke ukuba idonse abantu ngumdlalo wekhilikithi ophakathi kwe-New Zealand neNingizimu Afrika namhlanje, eSahara Kingsmead Stadium.

NgoMgqibelo amabombo azobheka eMorningside Stadium, eXobho emcimbini womsakazo Ukhozi FM, kuzobe kuboshelwe inqwaba yabaculi abanohlonze okubalwa kubo oZakes Bantwini, Hlengiwe Mhlaba noThokozani Langa.

Izoqhubeka ne-Joyous Showcase, e-Durban Christian Centre, e-Berea kusasa neSummer Season Promotion eMhlanga Beach.

Amabombo abaningi kulindeleke alibangise e-Hazelmere Dam kwindumezulu ye-Durban Jazz Festival ngomhla ka-26.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.