Injabulo iFifty50 iqokelwa kowase-Afrika

Comment on this story
FIFTY50

MINENHLE NTOMBELA

LIZOBHEKISA amabombo eLondon iqembu lomculo wokholo elizinze eThekwini iFifty50, njengoba liqokwe ohlwini lwama-Africa Gospel Music Awards (Agma) nonyaka.

Leli qembu amalungu alo okungoSihle Mazibuko, Malusi Shezi, Philani Ndlovu, Siya Xulu lisungulwe esontweni iDurban Christian Centre (DCC) ngo-2009.

UPhilani ongomunye wabasunguli baleli qembu elicula umculo wokholo oxutshwe ne-kwaito ne-hip hop uthi bebengalindele ukuzwa ukuthi baqokelwe ama-AGMA.

“Siqokelwe emkhakheni we-Afro Gospel Group Of The Year. Siqhathwe nabanye abaculi namaqembu asezingeni eliphezulu e-Afrika. Siyaziqhenya ngokufinyelela kuleli zinga yize sisebasha emkhakheni wezomculo. Kusho lukhulu kithi ukuthi umsebenzi wethu usufinyelele kwi-Afrika yonke,” kusho uPhilani.

I-Fifty50 yaqokelwa kumaSouth African Music Awards (Sama) nyakenye kodwa bakhala ngaphansi. Kodwa-ke bathola indondo yeBest Rap Gospel Album kumaCrown Gospel Awards.

Kule albhamu yabo yokuqala iKazi Kuyoba Njani bathi baqhuba umyalezo wabo wokuheha intsha enkozweni njengoba becula ngesigqi se-hip hop basebenzisa umculo othandwa yintsha ukuyidonsela esontweni.

Ngaphambi kokuthi bahambele lo mcimbi bahlele indumezulu yekhonsathi yomculo wokholo eDCC.

Kanti bacela abalandeli babo babavotela ngokungena kwi-website ethi africagospelawards.com.

Ama-Agma azokuba eLondon ngoJulayi 7 kanti kweminye imikhakha kuqokwe abaculi namaqembu aseNingizimu Afrika.

Sibala uSfiso Ncwane, Joyous Celebration, Swazi Dlamini, Ntokozo Mbambo, Solly Mahlangu, Hlengiwe Mhlaba nabanye abaningi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.