MINENHLE NTOMBELA
LIZOBHEKISA amabombo eLondon iqembu lomculo wokholo elizinze eThekwini iFifty50, njengoba liqokwe ohlwini lwama-Africa Gospel Music Awards (Agma) nonyaka.
Leli qembu amalungu alo okungoSihle Mazibuko, Malusi Shezi, Philani Ndlovu, Siya Xulu lisungulwe esontweni iDurban Christian Centre (DCC) ngo-2009.
UPhilani ongomunye wabasunguli baleli qembu elicula umculo wokholo oxutshwe ne-kwaito ne-hip hop uthi bebengalindele ukuzwa ukuthi baqokelwe ama-AGMA.
“Siqokelwe emkhakheni we-Afro Gospel Group Of The Year. Siqhathwe nabanye abaculi namaqembu asezingeni eliphezulu e-Afrika. Siyaziqhenya ngokufinyelela kuleli zinga yize sisebasha emkhakheni wezomculo. Kusho lukhulu kithi ukuthi umsebenzi wethu usufinyelele kwi-Afrika yonke,” kusho uPhilani.
I-Fifty50 yaqokelwa kumaSouth African Music Awards (Sama) nyakenye kodwa bakhala ngaphansi. Kodwa-ke bathola indondo yeBest Rap Gospel Album kumaCrown Gospel Awards.
Kule albhamu yabo yokuqala i Kazi Kuyoba Njani bathi baqhuba umyalezo wabo wokuheha intsha enkozweni njengoba becula ngesigqi se-hip hop basebenzisa umculo othandwa yintsha ukuyidonsela esontweni.
Ngaphambi kokuthi bahambele lo mcimbi bahlele indumezulu yekhonsathi yomculo wokholo eDCC.
Kanti bacela abalandeli babo babavotela ngokungena kwi-website ethi africagospelawards.com.
Ama-Agma azokuba eLondon ngoJulayi 7 kanti kweminye imikhakha kuqokwe abaculi namaqembu aseNingizimu Afrika.
Sibala uSfiso Ncwane, Joyous Celebration, Swazi Dlamini, Ntokozo Mbambo, Solly Mahlangu, Hlengiwe Mhlaba nabanye abaningi.