INTATHELI YESOLEZWE
K UKHALE amavuvuzela kubafundi kwaqhuma umkikizo komama abanezingane ezifunda esikoleni iKhulabebuka High, eMbumbulu emuva kokuba uMnyango wezeMfundo uthathe isinqumo sokubuyisela emsebenzini uthishanhloko obemisiwe.
Bese kuphele izinyanga ezine uthishanhloko, uNkk Premilla Deonath, amiswa ngezinsolo zokuthi akakwazi ukuphatha. Okunye abesolwa ngakho wukuhlohla abazali namanye amalungu omphakathi ukuthi basuse udlame.
Incwadi egunyaza ukuba abuyele esikoleni yasayinwa yiNhloko yoMnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, ngo-Okthoba 29 kodwa yena uze wayithola ngoMsombuluko, emuva kwezinsuku ezimbili kade efonelwe yisikhulu sesifunda sithi akeze azombona emahhovisi.
“Bengijabule kodwa ngididekile ngoba incwadi ibhalwe u-Okthoba kodwa mina ngiyithole manje. Angazi ukuthi kade ilokhu ikuphi,” kusho uNkk Deonath.
Noma lo thishanhloko esephindiseliwe esikhundleni sakhe kubhekeke ukuthi aqhubeke nokuhamba icala lakhe lokuqondiswa kwezigwegwe elihlehliselwe uJanuwari 22.
Uthe wayesecaleni ngoNovemba 22 no-23 kodwa akukho lutho okwashiwo ngokuthi akaphindele emsebenzini.
“Selokhu laqala leli cala ngilokhu ngisho ukuthi ngimsulwa, akukho engikufihlayo,” kusho lo thishanhloko.
Uthe le nkinga yasuswa wukungezwani okungaphakathi esikoleni.
“Yipolitiki yangaphakathi nje engikholwa wukuthi izingane zami kwakungamele zifakwe kuyona kodwa njengoba sengibuyile izinto sezizophindela esimeni esejwayelekile,” kusho uNkk Deonath.
Ukungabikho kukathishanhloko esikoleni kube nomthelela omkhulu njengoba kuke kwaba nobuhixihixi emakilasini inyanga yonke abafundi, abazali namalungu esigungu esengamele isikole betoyiza.
Noma lesi sikole besibhekene nezinkinga ngonyaka odlule sikwazile ukuthi siphumelele ngo-100%.
Izolo uNkk Deonath wamukelwe esikoleni ngomkikizo, umculo namavuvuzela.
“Kuyamangaza indlela umphakathi ojabule ngayo ngokubuya kwakhe,” kusho unobhala weSGB uNkk Ncamsile Ngcobo.
UMnuz S’gananda Ngubane oyiphini likasihlalo weSGB uchaze uNkk Deonath njengomuntu osebenza kanzima futhi ofike wasebenza kahle esikoleni sabantu abamnyama noma engowomdabu waseNdiya.
“Akaziphathi engathi ungcono kunathi, akacwasi ngokwebala, ungomunye wethu. Umphakathi wahlukumezeka ngesikhathi emiswa,” kusho uNgubane.
Uthisha wakulesi sikole uMnuz Mandla Dlamini uthe isikole besingaphethwe ngendlela ngesikhathi uNkk Deonath engekho.
“Njengoba esebuyile sekuzoba nethimba eliqinile lokuphatha, ukufundisa nokufunda kuzoqhubeka nezinhlelo zesikole zizohamba ngendlela,” kusho uDlamini.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe ithimba eliphenye icala likaNkk Deonath liphakamise ukuthi aphindiselwe esikhundleni sakhe.
“Uvunyelwe ukuba abe ephindela emsebenzini njengoba icala lakhe lisaqhubeka,” kusho uMahlambi.