Advertisement

Injabulo kuchithwa esikaJub Jub

KUBE nenhlokomo yenjabulo ngesikhathi inkantolo ichitha isicelo sesihlabani somculo we-hip-hop uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye (osesithombeni) sokudlulisela isigwebo secala elamlahla lokubulala.

IMantshi uMnuz Brian Nemavhindi uthe azikho izizathu eziqanda ikhanda ezingenza ukuthi inkantolo isiphasise isicelo sikaJub Jub nasolwa naye uThemba Tshabalala ukuba badlulisele udaba lwabo kwenye inkantolo.

UMolemo 'Jub Jub' Maarohanye. Isithombe: Antoine de Ras. Credit: INLSA

UJub Jub nomngani wakhe bebefuna ukudlulisela phambili isigwebo sabo ngethemba lokuthi enye inkantolo izobanikeza isigwebo esihlukile noma ahoxiswe amacala abo.

Imindeni yezingane ezashayiswa ngu-Jub Jub noTshabalala ijabulile ngesikhathi iMantshi isichitha isicelo sabammangali.

UTshabalala ubegqoke i-jean eluhlaza okwesibhakabhaka, ishethi elisawolintshi nejakhethi e-brown, eboshwe ngamaketango. UJub Jub naye ubeboshwe ngamaketango egqoke ibhulukwe elimnyama, ishethi elimhlophe kanti izinwele zakhe bezilukwe kahle.

NgoDisemba 5 uJub Jub noTshabalala bagwetsgwa iminyaka engu-25 bebhadla ejele ngecala lokubulala, ukuzama ukubulala, ukushayela bedle izidakamizwa nokudlala umjaho wezimoto emgwaqweni womphakathi.

UJub Jub noTshabalala bashayisa izingane zesikole ngoMashi 8 eProtea North bencintisana ngezimoto.

Izingane ezashona ngoPrince Mohube. Mlungisi Cwayi, Andile Mthombeni noPhomello Masemola.

UFrank Mlambo noFumani Mushwana basinda kodwa sebekhubazekile.

SHOW ALL
Advertisement