Injabulo ngebheyili yoweNFP

Comment on this story
NO NFPcase01 . UMNUZ Bonginhlanhla Gwala we-NFP ejatshulelwa amalungu eqembu lakhe ngemuva kokuthola ibheyili izolo. Isithombe: BONGANI MBATHA

NQOBIZIZWE ZWANE

KUQHUME imikikizo nezinhlamvu zenhlamba ngaphandle kweNkantolo yesiFunda eThekwini emuva kokukhishwa kwendodana yomholi weNFP osamisiwe ngebheyili ka-R20 000 izolo.

UMnuz Bonginhlanhla Gwala oyindodana kaMnuz Bhungu Gwala uthole ibheyili emuva kokuba abashushisi nabammeli bakhe bebuke i-video ye-CCTV ngokwenzeka ngo-Okhtoba 6.

UBonginhlanhla ubevele enkantolo noyise uBhungu, umfowabo uMjabulelwa, Skhumbuzo Nxumalo noSbusiso Ncengwa.

Babhekene necala lokubulala owesifazane ongumlandeli we-IFP KwaMashu uNksz Cebisile Shezi ngesikhathi kusuka izidubedube ehostela, namahlanu okuzama ukubulala.

UBonginhlanhla ongummangalelwa wesine umbuso uthe awusasiphikisi isicelo sakhe sebheyili emva kokubuka le video njengoba uthe izinto eziningi azisho ebufakazini abunika inkantolo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili zibukeka ziyiqiniso.

“Noma kungezona izithombe ongathatha ngazo isinqumo esingujuqu kodwa siyagculiseka ngesikubonile yize kusafuneka siziqinisekise zithombe,” kusho umshushisi uMnuz Cyril Selebe.

IMantshi uMnuz S Hlophe ikhipha isinqumo ithe asikho isidingo sokungamniki uBonginhlanhla ibheyili uma abashushisi begculisekile ngabakubonile.

UHlophe enikeza imibandela yebheyili uthe, “Ngikunika ibheyili ka-R20 000 njengoba umbuso ungasasiphikisi isicelo sakho. Kumele uye esiteshini samaphoyisa eDurban North uyoziveza ngo-8 ekuseni nango-5 ntambama njalo ngoMsombuluko, uLwesithathu noLwesihlanu. Ungawushiyi umuzi wakho oseMhlanga ngaphambi kuka-6 ekuseni futhi angashayi u-6 wantambama ungekho ekhaya. Ungalinge ushiye isifunda saseThekwini ngaphandle kokwazisa umseshi wecala uKapteni Ntenga. Uma uya KwaDukuza njengoba unebhizinisi lamatekisi ungalokothi uye ungamtshelanga umseshi,” kusho uHlophe.

Emva kwalokho umsolwa wesibili kuleli cala uNcengwa utshengise ukungenami emva kokuzwa izindaba zokubukwa kwale video. Ubekhuluma ubona ukuthi udiniwe.

Leli cala lihlehlele uLwesihlanu lapho kulindeleke ukuthi uNxumalo aqhubeke nesicelo sakhe sebheyili njengoba siphazamisekile ngesikhathi imishini yokuqopha izinkulumo enkantolo iba nenkinga.

Kulindeleke ukuthi uNcengwa afake isicelo sebheyili njengoba abanye abammangalelwa bezifakile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.