Injabulo uL’vovo ejoyina engumakhonya

Comment on this story
NO_derrango0 . UL'VOVO Derrango uthi uzokhipha i-albhamu yakhe entsha kwi-Universal Music okuyikhaya lakhe elisha

SIZWE BLOSE

UKUWA kwenye indlu ngukuvuka kwenye. Lesi sisho sesiZulu sibe wubufakazi esimeni somculi wekwaito osethole ikhaya elisha ngemuva kokuthi inkampani abesebenzisana nayo ingayivuselelanga inkontileka yakhe.

UThokozani Ndlovu odume ngelikaL’vovo Derrango kuthe uma eshiya kwa-EMI waphenduka undinga sithebeni.

Lo mculi usebe nenhlanhla enkulu njengoba abaculi abebephethwe yiDerrango Records okunguyena noMthunzi sebephethwe yisikhondlakhondla senkampani yomculo i-Universal Music ebophele abaculi abanohlonze okubalwa kubona oProfessor, Oskido, Tokollo, Zuluboy, DJ Zinhle, nabanye.

UL’vovo uthe uzizwa ejabule kakhulu ngokungena kwenkampani yakhe kwi-Universal Music ebonakala ingumakhonya kwezomculo kuleli.

“Into enhle wukuthi ngingena kule nkampani nje kungekudala ngizokhipha i-albhamu yami ebonakala izoshisa izikhotha kungekudala. Kunengoma ethi UPalesa engiyenze noProfessor enginesiqiniseko sokuthi izoshisa izikhotha,” kusho uL’vovo obehluleka nawukuzibamba yinjabulo.

Abantu bese beqalile ukuzibuza ukuthi kanti kwenzekani ngalo mculi waseNewcastle osezinze eThekwini ngenxa yomsebenzi.

UL’vovo abantu abaningi bazomkhumbula esekwiMayonie Productions ephethwe nguZakes Bantwini umculo wakhe usatshalaliswa yi-EMI. Wasungula inkampani yakhe iDerrango Records kanti njengamanje le nkampani isisebenzisana ne-Universal Music.

UThabiso Mogwatlhe wase-Universal uvumile ukuthi banazo izingxoxo futhi bayayithanda i-albhamu kaL’vovo kodwa wangathanda ukuphumela obala ngokuthi sebemsayinisile noma qha.

“Engingakusho wukuthi kuzothi kushaya uLwesine sibe sesazi ngobudlelwano bethu noL’vovo ukuthi bubhekephi,” kusho uThabiso ngamafuphi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.