Advertisement

Inkantolo iphinde yammisa futhi uMdluli emsebenzini

INKANTOLO yezabaSebenzi eGoli izolo ivune isicelo sabe-SA Police Service sokuba kuqhutshekwe nokuthi amiswe emsebenzini oyiNhloko yezobuNhloli kuleli, uMnuz Richard Mdluli (osesithombeni).

NgoLwesihlanu yona le nkantolo yakhipha umyalelo wokuthi ukumiswa kwakhe emsebenzini kuguqulwe nakuba abameli boMnyango wezamaphoyisa babengekho enkantolo.

Mnuz Richard Mdluli. Credit: INL SA

NgoMgqibelo abameli be-SAPS bafake isicelo enkantolo befuna ukuthi lesi sinqumo sibuyekezwe.

Ummeli uWilliam Mokhari omele uMkhuzi wamaphoyisa obambile, uKhomishana Nhlanhla Mkhwanazi, uthe isinqumo esikhishiwe ebesivuna uMdluli besiqubula imibuzo ngoba sikhishwe ngendlela engaqondakali futhi kungenzeka ukuthi sinobugebengu phakathi.

Emaphepheni asenkantolo uMokhari uthe lesi sinqumo senziwe ngokungekho emthethweni.

UMokhari ubuze ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo kulolu daba ekubeni icala kulindeleke ukuthi lingene enkantolo namuhla.

Uthe leli cala bekungamele lilalelwe ngaphandle kwazo zonke izinhlangothi ezithintekayo. UMdluli wamiswa okwesibili ngesonto eledlule emiswa nguye uMkhwanazi.

Ngonyaka odlule uMdluli ubebhekene necala lokukhwabanisa nenkohlakalo mayelana nokusebenzisa budedengu imali yezobunhloli ethenga izimoto zikanokusho eqasha nezihlobo zakhe.

Ubebhekene futhi necala lokubulala umyeni wowayeyintombi yakhe, u-Oupa Ramogibe. Yiwo lama cala aholela ekutheni amiswe emsebenzini.

Kulo nyaka wonke amacala ahoxiswa uMdluli wabe esebuyiselwa emsebenzini ngoMashi. Emuva kwemvunge eyayiqhamuka emaqenjini aphikisayo uNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Nathi Mthethwa, wabe esemsusa wamfaka kolunye uphiko kodwa uMkhwanazi wanquma ukumumisa.

SHOW ALL
Advertisement