INKAMPANI ebijutshwe ukwenza uphenyo ngenkohlakalo kuhulumeni, iCorruption Watch, ithole ukuthi kube nenkohlakalo ekukhishweni kwethenda ka-R13 million ekhishwe wuMnyango wezokuThutha.

ICivil Society Organisation izolo ikhiphe isitatimende esithi, uMnyango wezokuThutha wakhipha ithenda wayinika inkampani engafanele ngenxa yokuthi ayilethanga zonke izidingo ezazifuneka. Ithi le nkampani yakhokhelwa kakhulu kunokufanelekile yanikwa u-R10 million ngaphezulu.

Isitatimende siqhuba sithi, i-Global Interface Consultancy yathola ithenda yokusingatha ingqungquthela yenza nomsebenzi wokuxhumanisa. Kwakunengqungquthela yoMnyango wezokuThutha, i-International Investor Conference ngoJuni wangonyaka odlule.

Kwizethulo zayo le nkampani yathi ifuna u-R13.5 million. Inkampani eyehlulwa, i-Indigo Design and Event Marketing yona yayifune u-R3.837 million.

I-Indigo Design and Event Marketing, yafaka isikhalo eMnyangweni wezokuThutha, yabika nakuMvikeli woMphakathi nakwi-Corruption Watch.

“Uphenyo lwethu ekukhishweni kwale thenda sathola ukuthi akuhanjiswanga ngendlela, kube nenkohlakalo,” kusho isitatimende sabe-Corruption Watch.

AbeCorruption Watch bahambise umbiko wophenyo lwabo bawuyisa ehhovisi loMvikeli woMphakathi ukuze ucutshungulwe.

“Sizolulandela lolu daba njengoba sesilwedlulisele ehhovisi loMvikeli woMphakathi. Sizozama ukusiza lapho singasiza khona ngokunika obunye ubufakazi obudingekayo, sisebenzise nolwazi lobufakazi esibuthole emalungwini omphakathi,” kusho uMnuz David Lewis oyi-Executive Director kwaCorruption Watch.

UMnyango awutholakalanga ukuba uphawule. – Intatheli yeSolezwe