Advertisement

Inqindi kuvela uthisha ngelokudlwengula

NOKUBONGWA PHENYANE

KUQHUME iqupha kwaba nokuklolodelana enkantolo yeMantshi eScottburgh izolo ngesikhathi kuvela uthisha waseNjabulo Senior Secondary School eMkhomazi osolwa ngokudlwengula izingane esikoleni sakhe.

USINDE kunzima umthwebuli wezithombe wakwa-SABC uZamoNgcobo (ofulathele) ohlaselwe washaywa izihlobo zikathishanhlokoosolwa ngokunukubeza abafundi. Isithombe: KHAYA NGWENYA. Credit: Khaya Ngwenya

Kushube isimo phakathi komphakathi waseMahlongwa nomndeni walo msolwa (44), kule nkantolo ngesikhathi iMantshi, uMnuz Christian Schoeman, ihlehlisa leli cala liya kuNovemba 22.

Ummeli, uMnuz S I Mbhele, (onqabile namagama akhe agcwele) ufake isicelo sokuthi anikwe ithuba lokubhekisisa kahle amacala abhekene nomsolwa ngaphambi kokufaka isicelo sebheyili njengoba bekuwusuku lwakhe lokuqala emmele.

Ngaphakathi enkantolo bekubonakala ukuthi lukhulu luyeza njengoba lezi zinhlangothi bezichaphana ngenhlamba kubonakala ukuthi kushoda ozogadla kuqala.

Kube wukuphuma ngaphandle kwenkantolo umndeni kamsolwa wavulela iqupha kubantu abebevela eMahlongwa bebasola ngokuthi baqambela umfowabo amanga.

Abantu abazibize ngabakubo kamsolwa baqale ukuthukana namalungu omphakathi kwagcina ngokuthi bashayane.

Kulesi sigameko okungalimalanga muntu kuso, kugcine ngokuthi bagijimisane kungekho phoyisa elilamulayo.

Amaphoyisa aseScottburgh angumakhelwane nale nkantolo awabonakalanga nangokhalo kulesi sigameko.

Amalungu omndeni kamsolwa ngesikhathi esendleleni eselungiselela ukuhamba azithele phezu kukamphenyi wecala naye bamshaya ngaphandle kokukhuluma.

Lo mphenyi ugcine ngokuvula icala kwaboshwa owesifazane wakubo kamsolwa.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uvele khona izolo kule nkantolo ngecala lokushaya.

Nentatheli yezindaba zakwaSABC ebishutha uMnuz Zamo Ngcobo, umndeni kamsolwa uvele wayibhunyela ngamanzi ngesikhathi ithatha izithombe.

Induna yaseMahlongwa, uMnuz Simon Majola, ikhale kakhulu ngamaphoyisa ethe bekumele awubhule lo mlilo.

“Kuzophuma isidumbu la njengoba isimo sinjena. Amaphoyisa ala eduze kodwa awakwazi ukuthi azoqapha abantu belwa kanje,” kusho uMajola.

SHOW ALL
Advertisement