Intukuthelo kungcwatshwa abeSikebhe

Comment on this story
no iskebhe funeral1 INLSA AMALUNGU eSikebhe abefike ngezinkani enkonzweni yababulawa beyolanda izinkomo ezazintshontshiwe endaweni yaseMahlaba. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI

MLUNGISI GUMEDE

Ebika eseMthaleni, ePomeroy

ABAHOLI benhlangano elwisana nobugebengu ePomeroy, iSikebhe, bafunge bagomela ukuthi bazozibambela mathupha labo ababulele ozakwabo abayisikhombisa eMahlaba ngesikhathi beyolanda izinkomo zabo ezebiwe, uma amaphoyisa ehluleka ukubabopha.

Benze lezi zinsongo ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo wamalungu abo ayisithupha abulawa ngeledlule.

NgoMgqibelo kufihlwe uMnuz Tshilidi Hlongwane, Mnuz Zola Langa, Mnuz Phindela Langa, Mnuz Bonokwakhe Hadebe, Mnuz Dlezakhe Mbatha noMnuz Ndabembi Sithole.

UMnuz Qondokwakhe Duze yena ufihlwe izolo.

no iskebhe funeral3 UMENGAMELI weSkebhe uMnuz Joseph Manyathi othi ufuna ukuthi indawo yaseMahlaba iqedwe ngoba ihlala izilwane ezikwazi ukubulala abantu ngesihluku INLSA

Ngesikhathi umngcwabo uqhubeka, amalungu ale nhlangano ashiye inkonzo yabefundisi ebibanjelwe KwaLanga ayoqhuba eyawo ediphini lezinkomo lapho afike akhuluma khona izinkulumo zokuziphindiselela.

Ubungafunga ukuthi amabutho eya empini ngesikhathi amalungu ale nhlangano esuka kwaLanga elibangise ediphini ehamba ehuba iziqubulo zempi.

IPhini likaMengameli weSikebhe uMnuz Muntu Mnguni, uthe akukwazi ukuthi kungabulawa ngesihluku ozakwabo abayisikhombisa eMahlaba bese besonga izandla.

“Sizonika umthetho ithuba lokuthi usebenze, uma sibona ukuthi ayikho impumelelo sizophoqeleka ukuthi singene eMahlaba,” usho kanje.

UMengameli wale nhlangano kuzwelonke uMnuz Joseph Manyathi naye uhambe emazwini kaMnguni wathi bazobiza umhlangano lapho kuzothathwa khona isinqumo esingujuqu ngendawo yaseMahlaba.

UMnuz Manyathi uthe bafuna ukuthi indawo yaseMahlaba iqedwe ngoba ihlala izilwane.

no iskebhe funeral5 IPHINI likaMengameli weSikebhe uMnuz Muntu Mnguni onxusa amaphoyisa ukuba abambe ababulali bozakwabo ngokushesha kungaze buchitheke bugayiwe INLSA

“Kukangaki silanda imfuyo yethu seyebiwe kule ndawo futhi akekho umuntu ongazi ukuthi eMahlaba yisizinda samasela emfuyo,” usho kanje.

Uphinde waveza ukuthi kubuhlungu ukuthi ozakwabo abaningi kangaka babulawelwe imfuyo yabo.

“Isondo liyajikajika njengoba sikhala namhlanje kusasa kuzokhala abanye,” usho kanje.

UMnuz Tollman Zuma omunye umholi wale nhlangano, uthe bazoya eMahlaba kumnyama kubomvu ngoba vele bahlela nokuyolanda ngehlahla ozakwabo abashonele khona.

USihlalo wekomiti lezokuPhepha esifundazweni uMnuz Bheki Ntuli, obekhona enkonzweni yomngcwabo, unxuse ukuthi amalungu eSikebhe ehlise umoya eyekele umthetho usebenze.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.