MLUNGISI GUMEDE

Ebika eseMthaleni, ePomeroy

ABAHOLI benhlangano elwisana nobugebengu ePomeroy, iSikebhe, bafunge bagomela ukuthi bazozibambela mathupha labo ababulele ozakwabo abayisikhombisa eMahlaba ngesikhathi beyolanda izinkomo zabo ezebiwe, uma amaphoyisa ehluleka ukubabopha.

Benze lezi zinsongo ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo wamalungu abo ayisithupha abulawa ngeledlule.

NgoMgqibelo kufihlwe uMnuz Tshilidi Hlongwane, Mnuz Zola Langa, Mnuz Phindela Langa, Mnuz Bonokwakhe Hadebe, Mnuz Dlezakhe Mbatha noMnuz Ndabembi Sithole.

UMnuz Qondokwakhe Duze yena ufihlwe izolo.

Ngesikhathi umngcwabo uqhubeka, amalungu ale nhlangano ashiye inkonzo yabefundisi ebibanjelwe KwaLanga ayoqhuba eyawo ediphini lezinkomo lapho afike akhuluma khona izinkulumo zokuziphindiselela.

Ubungafunga ukuthi amabutho eya empini ngesikhathi amalungu ale nhlangano esuka kwaLanga elibangise ediphini ehamba ehuba iziqubulo zempi.

IPhini likaMengameli weSikebhe uMnuz Muntu Mnguni, uthe akukwazi ukuthi kungabulawa ngesihluku ozakwabo abayisikhombisa eMahlaba bese besonga izandla.

“Sizonika umthetho ithuba lokuthi usebenze, uma sibona ukuthi ayikho impumelelo sizophoqeleka ukuthi singene eMahlaba,” usho kanje.

UMengameli wale nhlangano kuzwelonke uMnuz Joseph Manyathi naye uhambe emazwini kaMnguni wathi bazobiza umhlangano lapho kuzothathwa khona isinqumo esingujuqu ngendawo yaseMahlaba.

UMnuz Manyathi uthe bafuna ukuthi indawo yaseMahlaba iqedwe ngoba ihlala izilwane.

“Kukangaki silanda imfuyo yethu seyebiwe kule ndawo futhi akekho umuntu ongazi ukuthi eMahlaba yisizinda samasela emfuyo,” usho kanje.

Uphinde waveza ukuthi kubuhlungu ukuthi ozakwabo abaningi kangaka babulawelwe imfuyo yabo.

“Isondo liyajikajika njengoba sikhala namhlanje kusasa kuzokhala abanye,” usho kanje.

UMnuz Tollman Zuma omunye umholi wale nhlangano, uthe bazoya eMahlaba kumnyama kubomvu ngoba vele bahlela nokuyolanda ngehlahla ozakwabo abashonele khona.

USihlalo wekomiti lezokuPhepha esifundazweni uMnuz Bheki Ntuli, obekhona enkonzweni yomngcwabo, unxuse ukuthi amalungu eSikebhe ehlise umoya eyekele umthetho usebenze.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.