Inyanga yembokodo ivalwe ngedili lomculo eGateway

Comment on this story
no Zakhele . UMCULI waseThekwini uZakes Bantwini ushiye abantu bengawuvali umlomo emcimini wokuvala inyanga yabesifazane eWave House, eGateway, ngoLwesihlanu ebusuku

SANDILE MAKHOBA noFANELESIBONGE BENGU

IVALWE ngegiya eliphezulu inyanga yabantu besifazane ezindaweni ezahlukene kuleli njengoba imicimbi ibithe chithi saka.

Enxanxatheleni yezitolo, iGateway Theatre of Shopping endaweni ebizwa ngokuthi yiWave House, bekunomcimbi obekuboshelwe kuwo izintandokazi zabaculi.

Kulo mcimbi obungoLwesihlanu ebusuku, bekukhona umculi wakuleli dolobha, uZakhele “Zakes Bantwini” Madide, Ringo Madlingozi, Zonke Dikana neMalini.

Laba baculi babusise abantu ngolozolo lwamanoni abo anezinhlamvu ezikhuluma ngothando.

URingo ukhombise ukuba nesipiliyoni kulo mkhakha womculo njengoba esaqhubeka nokuhlanyisa abantu esiteji, ubethi nje evula umlomo abantu beculisane naye.

no RingoMadl1 UMCULI waseThekwini uZakes Bantwini ushiye abantu bengawuvali umlomo emcimini wokuvala inyanga yabesifazane eWave House, eGateway, ngoLwesihlanu ebusuku .

NakuZakes kube ngesifanayo njengoba naye agcina ukukhipha i-albhamu ngo-2010 ethi Love, Lights & Music kodwa izingoma zakhe bezingababhori abantu, kanjalo nemidanso yakhe.

NaKwaMashu kube ngesifanayo lapho khona umculi ongaphansi kwenkampani kaL’vovo Derrango, uFar ebenze khona umcimbi eLacoste Lounge yodumo kuleli lokishi. Bekunandisa AmaGroovies, Bullistic, DJ Kotin, Merlon, DJ Le Soul, Happy Gal, Mondli Ngcobo, L’vovo Derrango noFar nabanye abaningi.

USosha we-745 Records ushiye abantu bengawuvali umlomo ngengoma yakhe entsha ethi AmaBlue.

Lo mculi osesebenza no-Arthur Mafokate uthe uzokhipha i-albhamu ngaphambi kokuphela konyaka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.