AKUQONDAKALI kahle ukuthi kwenzekeni ephoyiseni laseGoli okuthiwa life emuva kokuzithanqaza lisuka esitezi phezulu ehhotela iBlue Waters, eThekwini, izolo emini.
Iphoyisa (48) elingumseshi, amagama alo asagodliwe ngenxa yokuthi silobe umndeni ungakaziswa ngokushona kwalo, kuthiwa lizithanqaze lisuka esitezi sika-10 lapho kade lilele khona.
Umufi ubefike eThekwini nozakwabo aphenya naye icala.
Womabili amaphoyisa kuthiwa afike ngoLwesibili ngoba kade efuna ukuvuka aye enkantolo lapho kade kuzongena khona icala abeliphenya.
Iphoyisa elikhulume ne Solezwe lapho kwenzeke khona lokhu kodwa elingagunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba, lithe akucaci ukuthi amaphoyisa abephenya liphi icala.
“Sifike lapha ngemuva kokuzwa ukuthi omunye wozakwethu waseGoli uziphose phansi wafa,” lisho kanje.
Lithe uzakwabo kamufi ubatshele ukuthi ubenza izinto ezingaqondakali ngaphambi kokuthi aziphonse.
“’Uzakwabo usitshele ukuthi ngesikhathi embiza ekuseni ethi abazodla isidlo sasekuseni, uthe akamlinde kancane usakhuleka. Uthe umlinde isikhathi eside kodwa wagcina efikile.”
Liqhube lathi uphinde wabatshela ukuthi ngesikhathi sebeya enkantolo umufi ubeshayela kabi kubonakala ukuthi sengathi unenkinga waze wagcine emcele ukuthi akayeke ukushayela wabuyela naye emuva wamphindisele ehhotela wagcina eseya yedwa enkantolo.
Lithe uzakwabo kamufi ube eseya ehhovisi lamaphoyisa eyocela usizo kulabo abaluleka amaphoyisa ngoba embona umufi ukuthi sengathi unenkinga.
Lokhu kodwa kuphenduke ize leze ngoba iphoyisa kuthiwa lisale lazithanqaza ehhotela.
Ngesikhathi ithimba le Solezwe lifika isidumbu besingakathathwa, amaphoyisa ebesaqhubeka nophenyo.
Umufi uwele phezu kwemoto yomuntu ebikade ipakile emgwaqweni.
Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe kuvulwe idokodo lophenyo.
UNdlovu uthe okwamanje imbangela yokufa kwephoyisa ibingakaziwa.
Ihhotela iBlue Waters lisanda kuba sematheni ngemuva kokuthi kuqubuke umlilo kulo okungaziwa ukuthi wadalwa yini.
Esiphithiphithini esasuka kuqubuka umlilo kwalimala uMntwana uPhumzile Buthelezi, oyindodakazi yoMengameli we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.