Iphoyisa elizibulele belinengcindezi

Comment on this story
no Cop3~1 INLSA UCONSTABLE Msizi Chiliza ozibulele

SIMPHIWE NGUBANE noMLUNGISI GUMEDE

UMNDENI wephoyisa eliqome ukuzibulala emuva kokuba lisolwe ngokudubula kwafa umfana (14) ngesikhathi kunombhikisho ngemali yamatekisi eFolweni uthi bese linengcindezi enkulu emuva kwalesi sigameko esiholele ekutheni liyiqede impilo yalo.

UMncedisi Chiliza ongumfowabo omncane kaConstable Msizi Chiliza (28) uthe umfowabo uzibulale ehlela ukuyovela emndenini womfana uMxolisi Buthelezi ngoba efuna ukufaka isandla ezinhlelweni zokumngcwaba.

“Umfowethu ungitshele ukuthi ufuna ukuya ebhange ayokhipha imali ngoLwesibili ukuze akhalise umndeni womfana,” usho kanje.

UMncedisi uthe uyabona ukuthi yingcindezi eyenze ukuthi umfowabo ayiqede impilo yakhe.

“Umphakathi ubusabisa ngokuthi uzosingqongqisa nendlu ngoba umfowethu udubule umfana embhikishweni,” usho kanje.

no Cop UMNUZ Mncedisi Chiliza ongumfowabo wephoyisa uconstable Msizi Chiliza ozibulele ngemuva kokuba kudubuleke ingane ngephutha kuyena ngesikhathi kunesiteleka sokunyuka kwemali yokugibela amatekisi eFolweni. Isithombe:THOKOZANI NDLOVU INLSA

“Kusukela kwenzeka isigameko uMsizi ubengasalubhadi emsebenzini ngoba ethi uzama ukuxazulula inkinga yakhe nomndeni womfana oshonile.”

I-South African Policing Union (Sapu) ikhalise umndeni wephoyisa nomfana.

“Kodwa sithanda ukukuveza ukuthi kade sasikhala ezikhululwini ze-SAPS ngokuyisa amaphoyisa la ezofunda khona kabanzi ngokubhekana nezimo ezinodweshu,” kubeka iSapu esitatimendeni.

UChiliza obesesebenze iminyaka emibili eyiphoyisa eMlazi ngaphansi koPhiko oluphenya ngamacala abucayi i-Tactical Response Team (TRT) uzidubule ekhanda washona ekamelweni lakhe ngesibhamu somsebenzi i-9mm ngoLwesithathu.

Umndeni awuzwanga lutho kodwa uMsizi uze wabonwa ngudadewabo omncane obezombuza ukuthi angamlethela yini ukudla, wamfica elele phansi kugcwele igazi eseshonile. “Umama nosisi wami kade sebehlale bethukile, bebelokhu bembuza uMsizi ukuthi uyalubona utaku abakulo,” kusho Mncedisi.

Isolezwe izolo lihambele lo mndeni lafica amalungu omndeni nomakhelwane bezobhonga emswaneni.

no Cop1 UMNUZ Mncedisi Chiliza ongumfowabo wephoyisa uconstable Msizi Chiliza ozibulele ngemuva kokuba kudubuleke ingane ngephutha kuyena ngesikhathi kunesiteleka sokunyuka kwemali yokugibela amatekisi eFolweni Isithombe:THOKOZANI NDLOVU INLSA

UMncedisi uphinde waveza ukuthi umfowabo uke wafikelwa ngabaseshi ngaphambi kokuthi azibulale.

Isolezwe lihabule ukuthi bese kunabantu emphakathini akade bethi bangafakaza ukuthi nguyena uMsizi obulale uMxolisi.

UMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal ubusuqale uphenyo olunzulu ngokuthi ngubani odubule kwashona uMxolisi.

Okhulumela lo Mnyango , uMnuz Kwanele Ncalane, uthe bakhathazekile ngalezi zigameko zombili esokuzibulala kwephoyisa nokushona kukaMxolisi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.