IPirates ayinatwetwe ngeChiefs

Comment on this story
no buya

MINENHLE MKHIZE

AKUBAFAKI nelincane itwetwe abadlali be-Orlando Pirates ukusayina ubuthaphuthaphu kwezibabuli zabadlali okwenziwa yizimbangi zabo ezinkulu iKaizer Chiefs.

Lokhu kuvezwe yisilomo sompetha be-Absa Premiership uThulasizwe “Juju” Mbuyane engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe izolo ekuseni ngokukhithiza abadlali kwezimbangi zabo eziqede zishwiba izandla ngesizini edlule.

“Akusithusi ukusayina abadlali abaseqophelweni eliphezulu kweChiefs ngoba nathi sinabadlali abasezingeni eliphezulu. Abadlali esibaziyo futhi iningi labo lidlala kuBafana. Empeleni kula masizini amabili edlule besingenawo umbango oqinile ngakho ukusayinisa kwabo abadlali abanamagama kuzokwenza iligi ihlabahlose,” kusho uMbuyane.

Uthe: “Abakwenzile kuyangijabulisa kakhulu ngoba kuzokwenza iligi yethu idonse amehlo abantu abaningi. Umbango weligi uzoshuba kakhulu okuyinto edingwa ngabalandeli bebhola eNigizimu Afrika, hhayi ukuthi kuvele kucanase iPirates.”

IChiefs isilande uStuart Baxter owaduma esacija iBafana Bafana, uSiboniso “Pa” Gaxa obedlala phesheya kwezilwande eBelgium kuLierse SK, uMorgan “Mr Reliable” Gould oyisiqongqwane seBafana, uSiyabonga “Doctor” Nkosi osebuya ku-Arminia Bielefeld yaseGermany, uSakhile Nhlongwa obegijima kuThekwini Coastal kaLindani “Mantayi” Shezi waKwaMakhutha, Kgotso Moleko obedlala kuBloemfontein Celtic njengoba kulindeleke ukuthi iqede noKingston Nkhatha obedlala kuBlack Leopards.

“Ingcindezi yinto ongeke uyibalekele ngoba ihlezi ikhona uma udlalela iPirates. Sinejoka elinzima lokuvikela izicoco zethu ngempumelelo. Uma siqhubeka nokuzimisela angingabazi ukuthi sisazophinde sikhonye. Uma ngibheka iqembu esi-libophele kuncane okuzosivimba,” kusho uMbuyane.

IPirates izifake emlandweni inqoba izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana. Ngesizini edlule bathele phansi othulini izimbangi zabo AmaKhosi ngo 1-0 wegoli lika-Oupa “Ace” Manyisa ukudla isicoco seMTN 8. Kuthe kusenjalo bakhala bemuka neTelkom Knockout abebeyinqoba okokuqala emlandweni waleli qembu. Lezi zicoco ezimbili bazihlobise ngeseligi esihamba nebhonasi lokuyodlala kuCaf Champions League.

“Abalandeli kumele bangayikhaleli imali yabo ngokuzobuka ibhola ikakhulukazi uma kudlala iChiefs nePirates. Ngamaqembu amakhulu lawa kumele kube sengathi kudlala iBarcelona neReal Madrid okuyibona ababumbe iqembu lesizwe laseSpain. Nala maqembu yiwona abumbe iBafana ngakho kumele kucace lokho. Sizovula ngomdlalo omnandi weCarling Black Label Cup. Sengifisa sengathi isizini ingaqala manje. Kule sizini ngifuna ukushaya amagoli amaningi ngiphinde ngisize ezami zinqobe iChampions League okuyiyona ndondo engishoda ngayo manje,” kusho uMbuyane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.