IPirates ichitha imibiko ngomgadli waseZim

Comment on this story
no king man

LUNGILE MAJOKA

OMPETHA be-Absa Premiership i-Orlando Pirates bathi abamazi nokuthi ulikhahlela kanjani ibhola umgadli weDynamos yaseZimbabwe abamataniswa naye.

Imibiko esabalale izolo ithi EZimnyama zigaqele uTakesure Chinyama osekusele ukuthi ayohlolwa njengoba sebevumelene ngakho konke.

Kodwa okhulumela iPirates, uMickey Modisane, uthe abamazi lo mdlali, lena yimibiko angeke ayiqinisekise.

“Angimazi, angikaze ngimbone. Leyo yimibiko yabezindaba engaqinisekisiwe,” kusho uModisane.

Uthe iqembu lizovula ngesonto elizayo lapho umqeqeshi u-Augusto Palacios onikwe inkontileka yonyaka ezokwenza izincomo ngakudingayo.

“Umqeqeshi uzosho abadlali abadingayo, ahlele neqembu azolisebenzisa. Ngemuva kwalokho uzobe esehlangana nosihlalo babonisane naye.”

Ngokombiko wephephandaba laseZimbabwe, iNews Day, uChinyama useqede konke neBucs njengoba bevumelene ngeholo elingu-R100 000 ngenyanga.

UChinyama (30) useke wadlala kuligi yasePoland egijima kuLegia Warszawa lapho aqeda engumgadli ohamba phambili ngamagoli angu-16 ngesizini ka-2007/2008, kwathi ngelandelayo waqeda eshaye amagoli angu-19. Ushayele leli qembu amagoli angu-36 emidlalweni engu-72 phakathi kuka-2007 no-2011.

Ushiye kuWarszawa nyakenye ngemuva kwesizini engagculisi nesimo esingesihle sempilo. IBucs isivele isisayine uPatrick Phungwayo, Ayanda Gcaba, Thabo Rakhale, Khethokwakhe Masuku njengoba kulindeleke ukuthi iqede ngoTokelo Rantie maduzane.

Khonamanjalo imemenja ka-Eric Mathoho, uTim Sukazi weQuality Talent Sport, iveze ukuthi sekuseduze aqede ngezingxoxo anazo neKaizer Chiefs ngalo mdlali.

“Akukho okubambekayo okwamanje kodwa zonke izingxoxo enginazo seziya ngasemaphethelweni,” kusho uSukazi.

Kanjalo noKingston Nkatha (osesithombeni) okuthiwa uya kuMaKhosi akakasayini ngokugcwele yize lo mgadli weBlack Leopards esefikile kuleli.

UTshifiwa Thidiela esinye sezikhulu zeLidoda Duvha ukuqinisekisile lokho wathi abakaqedi nangoThomas Sweswe noBrian Amidu okubikwe ukuthi bazogijima kuLeopards ngesizini ezayo.

n Izolo umgadli weFree State Stars, u-Edward Manqele, ubezohlangana nezikhulu zeqembu ukukhuluma ngekusasa lakhe njengoba kuthiwa ufunwa yiChiefs nePirates.

n IBloemfontein Celtic ilande uBoebie Solomons ukuthi azoba umsizi kaClinton Larsen kuCeltic. Laba bobabili bathe bakholwa wukuthi bazosebenzisana ukuyisa iqembu phambili.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.