FANELESIBONGE BENGU

LIBONAKALA lizoqhakaza ikusasa lomculi we-hip hop waseMpumalanga osayinwe yisitebele somculo esiphambili emculweni othandwa kakhulu yintsha kuleli.

UTumelo “AB Crazy” Dibakwane (24) usayine inkontileka yokuqopha neKalawa Jazmee Records lokhu okumenza abe ngumculi wokuqala ngqa ocula i-hip hop ukuba asayine khona.

Le nkampani yaziwa kakhulu ngomculo onesigqi somdanso, kwaito ne-afro pop, phakathi kwabaculi abaqopha kulesi sitebela kubalwa kubo uProfessor, BOP, DJ Zinhle nabanye.

U-Oscar “DJ Oskido” Mdlongwa, ongomunye wabaphathi beKalawa, uthe basayine lo mculo ngoba bafuna ukwenza ingxubevange yomculo ohlukene.

“Umculo kulesi sikhathi samanje awusadayisi kodwa into engenisela abaculi imali wukuqashwa komculi. Nathi siyiKalawa sibheke ekutheni sisebenze kanjalo kuthi uma siphuma sihambe siyiqoqo elingakwazi ukubamba umcimbi uze uphele ngoba imali yenziwa kanjalo manje ngenxa yokugqoza kokuthengwa kwama-CD,” kusho u-Oskido.

U-AB Crazy uthe uyajabula ngokuba ngumculi wokuqala we-hip hop kule nkampani, uzizwa ebusisekile.

“Ngibusisekile kodwa lokhu kuyingqinamba ngoba kusho ukuthi kufanele ngisebenze ngokuzikhandla. Ngiyajabula. Sengiyela ngasemaphethelweni e-albhamu yami kanti sengisebenze noSpeedy kanti ngisabheke ekusebenzisaneni nabanye abaculi baseKalawa,” kusho yena.

U-AB uke waba yilungu leqembu elavundululwa yiTear Gas, iCashtime Fam lapho khona aphrojusa iculo elashisa izikhotha iGoodbye namanye.