Gallo Images
UJOSTA Dladla ophumele obala wathi iseyisilonda enhliziyweni yakhe eyokukhishwa isithunzi yiSundowns kuMTN8 wathi uzothembela kozakwabo ukuze babuyise izinduku. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
INKUNZI yeKaizer Chiefs emidwayidwa, uJosta “JD” Dladla, isiphumele obala yathi yona neqembu layo bazimisele ukubuyisa izinduku kuMamelodi Sundowns abazoshukana nayo kowe-Absa Premiership e-FNB Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. I-Chiefs izolwela ukubuyisa isithunzi esiphele ngesikhathi ibhaxabulwa ngo 4-1 kwi-quartefinal yeMTN8 emasontweni amabili edlule.
UDladla utshele leli phephandaba ukuthi okwenziwe yiSundowns kuyena nezakhe akakukhohliwe futhi ujabulile ngoba lisheshe lafika ithuba lokuthi baziphindiselele kuyona.
UDladla ujoyine Amakhosi ngo-2009 esuka kuSundowns anqobe nayo izicoco ezimbili ze-Absa Premiership.
“Indlela iSundowns esishaye ngayo ibingamukelekile futhi isifakele ingcindezi yokuthi sinqobe umdlalo wethu naMaZulu. Bekumele sibuyise isithunzi seqembu. Ngijabule ukuthi umdlalo olandelayo sizowudlala neSundowns ngoba ingicikile indlela abasishaye ngayo. Uma udlala neqembu lakho elidala uhlale ufuna ukunqoba, manje bese lizovele likufake u 4-1 akwamukeleki. Kulokho kumele siziphindisele kubona uma sesidlala koweligi ngoLwesithathu,” kusho uDladla.
Ngesizini edlule le nsephe iqale ngesivinini sika-Usain Bolt ongumgijimi waseJamaica ihlohla amagoli ngapha nangaphanga kodwa yabuye yehlelwa wumfutho.
“Kubalulekile ukuthi siqale ngegiya eliya phambili ngoba uma ufuna ukunqoba iligi kumele uqoqe amaphuzu kusakhanya. Indlela esidlale ngayo kuMaZulu sizimisele ukuqhubeka ngayo kuze kuphele isizini. Isinike ithemba lokuthi lukhulu luyeza. Besingathumeli myalezo kodwa besifuna ukujabulisa abalandeli bethu. Manje sekungumlando ukuthi sishaye AmaZulu ngo 6-0. Sizobuyela ejimini silungise lapho kusashoda khona,” kusho uDladla umqeqeshi uStuart Baxter amdlalisa kakhulu ngasohlangaothini lwesokudla kanti kwedlule ubedlaliswa enkabeni yenkundla nguVladimir Vermezovic obepheka Izimpofana.
“Ngesizini edlule ngiqale kahle kodwa ngabuye ngehlelwa yizinga okuyinto engifuna ingenzeki kule sizini. Ngifuna ukudlala ngendlela eyodwa. Lokho ngizokwenza ngokuthi ngisebenze ngokuphindiwe ejimini.
“Iminyaka iyahamba manje ngoba sengina-33 okuchaza ukuthi kumele ngidlale njalo futhi kubekhona engikunqobayo,” kusho uDladla.
Ephawula ngokuhamba kukaTinashe Nengomashe uthe: “Bekungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Sizomkhumbula njengoba engasekho. Ubefela enkundleni futhi eyisosha. Ngimfisela inhlanhla kuBidvest Wits.”
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoLwesibili:
Maritzburg United v AmaZulu (Harry Gwala Stadium, 7.30pm); Chippa United v Free State Stars (Athlone Stadium, 7.30pm)
NgoLwesithathu:
SuperSport United v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm); Chiefs v Sundowns (Soccer City Complex, 7.30pm); Lamontville Golden Arrows v University of Pretoria (Sedric Sugar Ray Xulu Stadium, 7.30pm); Moroka Swallows v Ajax Cape Town (Dobsonville Stadium, 7.30pm); Bidvest Wits v Black Leopards (Bidvest Stadium, 7.30pm); Bloemfontein Celtic v Platinum Stars (Free State Stadium, 7.30pm)
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services