Advertisement
X

Isalukazi sitholwe sesishonile endlini

SITHOLWE sesonakele ngoMsombuluko emini isidumbu sesalukazi saKwaMashu esigcemeni sakwa-E, esilinganiselwa eminyakeni engu-80 esasigcine ukubonakala siphuma empeshenini ngoJanuwari 2 nonyaka.

UNkk Irene Khanyile kuthiwa utholwe ngumakhelwane wakhe oye endlini eyombheka emuva kokungamboni nogesi okhanyisa ngaphandle kwakhe ungacishwa.

UMNUZ Thandizwe Thango ekhombisa indawo egqekezwe yisigebengu esisolwa ngokudlwengula sibulale ugogo otholwe efile kule ndlu, KwaMashu esigcemeni sakwa-E. Isithombe: MBALI KHANYILE. Credit: Group

Kusolakala ukuthi udlwenguliwe ngoba utholwe elele ebheke phezulu kusofa kunezindwangu ebezinegazi phansi, ubeklinywe ngengubo yakhe emqaleni.

Igilosa yakhe kuthiwa ibiseduze kwakhe kukhombisa ukuthi ungumuntu owayengakayikhiphi ayifake ezindaweni zayo.

Phansi kuthiwa bekunemishudulo yodaka njengoba ngosuku agcinwa ngalo lalikade lina.

UMnuz Thandizwe Thango obesiza lesi salukazi ngokusiyisa empeshenini nokuyokwenza igilosa, uthe ugcine ukusibona ngesikhathi esishiya endlini ngoJanuwari 2 kade esiyise empeshenini wasiyisa nasezitolo ukuyogilosa.

“Ubengahlali namuntu ngoba ubengafuni muntu ozohlala naye,” kusho uThango

Uthe ngoJanuwari 2 wafika ezosilanda wangqongqoza waze wakhathala, wabe esecela omakhelwane ukuthi bamsize bavule isicabha kodwa wangaluthola usizo.

“Ngahamba ngaya esiteshini samaphoyisa ngiyowabiza ngathi uma sengibuya ngafica sekukhona omakhelwane abase bekhuluma naye evele ngewindi wayengafuni ukuphuma, bangicela ukuthi ngisondele, wagcina evumile sahamba saya empeshenini,” kuchaza uThango.

Uthe wabe esembuyisa negilosa yakhe kanti ubizwe ngoMsombuluko ntambama ngomunye umakhelwane esembikela ukuthi isalukazi sitholwe sesishonile.

“Omakhelwane bese kunephunga abalizwayo eliphuma endlini yakhe. Lo muntu owenze le nto uyazi ukuthi ugogo ubehlala yedwa,” kusho uThango.

Uthe kwakugqekezwe isicabha esingezansi zavulwa ngoba lesi ebesingaphezulu besisakhiyiwe kanti imali nomazisi wesalukazi akukho.

UThango uthe abazazi izihlobo zesalukazi bayacela ukuthi zivele ngoba besihlala sodwa, nomunye abembiza ngomzala, akusilo uzalo lwakubo kodwa bekufana izibongo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe bayaphenya ngokutholwa kwesalukazi esishonile.

“Ukuhlolwa kwesidumbu yikho okuzocacisa ukuthi ushone kanjani nokuthi wadlwengulwa yini.”

SHOW ALL
Advertisement