isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Isazonyuka futhi intengo kaphethiloli

Comment on this story


KUNGAKAPHELI nyanga uhulumeni wakuleli ekade enyuse intengo kaphethiloli ngo-34c, abashayeli bezimoto kumele balindele okunye ukwenyuka maduzane.

Ukungabi nozinzo kwezombusazwe emazweni ama-Arab aseMiddle East okuyiwo anothe ngowoyela omningi kungase kuholele ekutheni abanini bezimoto kuleli bangene shi emaphaketheni njengoba izophinde yenyuke intengo kaphethiloli kungekudala.

USomnotho eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uSolwazi Bonke Dumisa uthi babhekene nengwadla abanini bezimoto kulandela ukukhuphuka kukaphethiloli ekuqaleni kukaFebhuwari. Uthe uma ilokhu iqhubeka nokunyuka intengo yawoyela ongahluziwe emhlabeni kuzosho ukunyuka kwentengo kaphethiloli kuleli.

Uthe okwenziwe yiMelika ngesonto eledlule ngesikhathi iphasisa umthetho ovimbela abantu bakuleliya lizwe ukuba bangahwebelani ne-Iran elifake unswinyo, kuzokwenza isimo sibe nzima kakhulu.

“Lokhu kuzoba nomthelela ezinkampanini zakuleli ezihwebelana ne-Iran futhi ezinamabhizinisi azinze eMelika ngoba kuzomele babuhoxise ubudlelwano abanabo. Ukubhekana ngeziqu kweMelika ne-Iran enothe ngowoyela kuzokwenza kuthikamezeke ukusatshaliswa kwawoyela emhlabeni,” kusho uDumisa ethi kubanjwe umoya ngentengo kaphethloli.

Uthe njengoba iNingizimu Afrika ithenga uwoyela ongaphezu kuka-25% e-Iran lokhu kuzosho ukuthi sekumele ibheke amanye amazwe ezowuthenga kuwona ngentengo ephezulu.

UDumisa uthe abantu abakulindele ukuthi uMnyango wezaMandla umemezele ukuthi uzonyuka nini intengo kaphethiloli ngoLwesihlanu lokugcina kwephezulu.

“Selokhe kwaqala izidubedube zokuvukelwa kwemibuso emazweni aseMpumalanga anothe ngowoyela akuphindanga kwafana nasekuqaleni ukusatshelaliswa kwawoyela emhlabeni. Okwenzeka eSyria njengamanje kwenza isimo sibe nzima kakhulu,” kusho uDumisa.

Njengamanje ilitha kaphethiloli ibiza u-R10.65 ezindaweni ezigudle ugu, kuthi ezimaphakathi nezwe ibize u-R10.95

Ukunyuka kwentengo kaphethiloli kusanda kuthola ukugxekwa okukhulu nguMphathi weBhange loMbuso uNkk Gill Marcus othe lokhu kuzokwenza kukhuphuke amanani okudla nezimpahla bese kuholela ekutheni kuguqe amandla emali yakuleli uma qhathaniswa neyakwamanye amazwe.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
mcD
I'm a 37 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 40.
View Profile
bongsta12
I'm a 32 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 36.
View Profile
ccw
I'm a 31 year old man looking to meet women between the ages of 27 and 32.
View Profile
IOL - dating
s5864
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 49.
View Profile
IOL - dating
Arani
I'm a 27 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 47.
View Profile
IOL - dating
0cean_ntr
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 25 and 45.
View Profile